Udlelwa umuzi nemoto oqolwe ngowasendlunkulu

2017-04-18 12:34

Durban - Ziyaqonga izinkinga ezibhekene ngozibiza ngoMzukulu woMntwana uGideon Zulu, okhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngeledlule ngoxhaxha lwamacala avulelwe wona okuqola abantu izizumbulu zemali ebathembisa ukubatholela amathenda emali enkulu.

UNokwanda Nokulunga Zulu okumanje utholoza ejele, sekuvele ukuthi usenga ezimithiyo ngokuthi ungumzukulu woMntwana Gideon. Sekuvele inqwaba yabantu abakhala esifanayo ukuthi baqolwe nguZulu isamba semali enkulu ebathembisa ukuthi uzobatholela imisebenzi yemali enkulu. Kuthiwa ubekwenza lokhu ezibiza ngokuthi ungumzukulu woMntwana uGideon.

Kubikwa ukuthi kunenqwaba yabantu abebaqola ngokubathembisa imisebenzi ehlukene bese eshaya echitha nemali engabe esaziphendula izingcingo uma sebemfuna.

ILANGA selithole ukuthi uZulu kakuyena umzukulu kaMntwana uGedeon njengoba yena ubezichaza kanjalo kubantu uma esebaqola, ungumzukulu kaMntwana uWalter Zulu.

OLUNYE UDABA:Bakhala ngezimali zikayise abashana bakaNkk Madikizela-Mandela

Emuva kokuba kubikwe ngalolu daba Sekuphinde kwavela omunye usomabhizinisi naye othi useze wahlaselwa yisifo sohlangothi ngenxa yokhwantalala emuva kokuqolwa nguZulu emthembisa umsebenzi wokunikezela ngokudla kanye nokunye emkhunjini.

UKhanya Kamoto uthi isimo sempilo yakhe sesishintshile saba muncu kangangoba usedlelwa ngisho umuzi wakhe emuva kokuqolwa nguZulu. Uthi usedlelwe nemoto kanti angaxoshwa noma nini emzini wakhe.

Konke lokhu uthi kwenzeke emuva kokuhlangana noZulu obemthembise umsebenzi emkhunjini esuke efikile echwebeni laseThekwini.

Uthi indlela abemethembe ngayo, uthuke koma nasozwaneni esebona umbiko kwiLANGA ukuthi uvulelwe amacala okuqola abantu ufunwa ngamaphoyisa.

Uthi uhlangane noZulu ngoLwezi (November) ngo-2016 exhumaniswa yisihlobo sakhe ngoba naso sizwe kuthiwa unikeza osomabhizinisi ithuba lokwenza imali.

Uthi uhlangane naye okokuqala kwelinye lamahhotela asenkabeni yedolobha baxoxe ukuthi bazosebenzisana kanjani. Uthi into emenze wamethemba kakhulu uZulu ukuthi inkampani yakhe ebizwa ngokuthi yi-Ezemvelo Ship Chandlers isemthwethweni njengoba inawo wonke amaphepha akhomba lokho.

"Ufike kimina wangitshela ukuthi kunomsebenzi awutholile ophuthumayo wokunikelela ngempahla emukhumbini. Ungitshele ukuthi ukuze lo msebenzi uqale, kushoda imali engangezi R300,000 nathe uma ngimnika yona izobuya isiyizi R820,000.

"Ngenxa yokuthi konke ngaye bekuqondile, sivumelane ngokuthi ngizomnika le mali. Nami ngizenzele olwami uphenyo ngathola ukuthi akukho okusolisayo ngenkampani yakhe njengoba ubenawo wonke amaphepha asemthethweni.

"Ngimshayele ucingo wanginika ne-account lapho bekumele ngiyifake khona imali. Ube esengithembisa ukuthi ngilinde izinsuku ezingu-30 ukuze ngizothola imali yami kanye nenzuzo. Ziphelile lezi zinsuku abethe mangizilinde wabe esengithumelela isitatimende sasebhange esikhombisa ukuthi useyitholile inkokhelo yomsebenzi abewenza.

"Ungithembise ukuthi uzongikhokhela ngoba naye useyitholile inkokhelo yomsebenzi. Ngithe ngisalinde ukukhokhelwa waphinde wangishayela ucingo esephuthuma engitshela ukuthi ucela ngimnike imali engu-R100,000 kukhona afuna ukukulungisa ngaphambi kokuba kuphume imali yami. Sihambe naye sayoyikhipha leyo mali kwabe sengiyamugcina ngalelo langa," kusho uNkz Komoto.

Uthi uzamile ukumushayela ucingo kodwa engasamutholi kanti uma kwenzekeli waluphendula ucingo, ubemutshela ukuthi usematasa uzobuyela kuyena kodwa angakwenzi lokho.

Uqhuba uthi kuyimanje akazi uzokwenzenjani ngoba ibhizinisi lakhe seliwile nezingane zakhe ziyaxoshwa esikoleni.

"Namanje kangikholwa ukuthi le ntombazanze ingiqolile imali enngaka. Kuyimanje angisanamali, ibhizinisi lami liwile, imoto yami isidliwe, izingane zami ziyaxoshwa esikoleni, kwalapha engihlala khona sengithole incwadi ethi mangiphume ngoba sengiyahluleka ukukhokha. Ungimoshile uNokulunga," kusho yena. 

UMntwana uDokotela Gcwalisile Zulu-Kabanyane oyindodakazi yokuqala kaMntwana Gideon uZulu, uthi uNokwanda akasiyena umzukulu kaMntwana uGideon kodwa ungumzukulu woMntwana uWalter(Uqoqa-Uwayi lwamahlathi kaMnyayiza kaNdabuko kaMpande.

Uthi bewumndeni, badumale kakhulu uma kungcoliswa igama lomntwana uGideon ngabantu abangamaqola.

"Thina sineshwa ngabantu abathanda ukuzishutheka emndenini woMntwana. abakhwabanisayo  bazishaye izifuba baqakambise into engekho bathi bazalwa uMntwana ozala thina," kusho yena.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.