Udlise izingane ushevu ongafuni ukwamukelwa ukwaliwa yintombi

2016-08-01 19:00

Johannesburg - Zisesibhedlela izingane ezimbili zingeniswe esibhedlea ngemuva kwezinsolo zokuba ubaba wazo uzidlise ushevu ngoba eziphindiselela kumama wazo ngokulahla ekuqaleni konyaka.

Umsolwa uphinde asolwe ngokushisa imoto yesoka kaloyo owayeyintombi yakhe.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe izinkabi ngamacala okubulala ezakheni

Umama wezingane, 31, waseRabie Ridge, eMidrand uthe owayeyisoka lakhe akakwazanga ukwamukelwa ukuthi akasafunwa.

"Ngamshiya ngoba wayengihlukumeza futhi engilawula. Wayengishaya phambi kwabantu. Kwesinye isikhathi  wayefika nasekhaya angishaye," usho njalo.

"Ubelokhu engithumelela umqhafazo engisabiso ngokubulala izingane zami nami.

"Ngabikela amaphoyisa ngodaba wathola incwadi evikela mina.

"Lokhu akumnqandanga njengoba aqhubeka nokuthumela imiyalezo engisabisay."

Lo mama uthe ngoLwesine watholaomunye umyalezo othi usebulele izingane ezimbili kanti futhi uzozibulala naye.

"Saphuthuma emzini wakhe la ahlala khona ngihamba nabasekhaya safika sathola izingane zilele phansi.

"Sabiza i-ambulensi izingane zaphuthunyiswa esibhedlela," usho njalo.

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Sharon Mahamba uthe  kuvulwe icala lokucekela phansi impahla.

Umndeni uaokwazi ukuvula icala lokuzama ukubulala uma isibhedlela sesikhiphe imiphumela yokuhlolelwa kwegazi kwezingane, kubika iDaily Sun.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.