Durban - Umculi kaMaskandi uDlubheke ogama lakhe langempela uBukelani Khuzwayo udinwe uyaveva ngomsakazo womphakathi.
Lo mculi usola lo msakazo ngokumcindezela ngoba uhlezi ekhipha ama-albhamu minyaka yonke kodwa izingoma zakhe azidlalwa.
UDlubheke odabuka eNquthu utshele abeLanga leTheku uthi waze wabhalela abasakazi bohlelo iSigiyangengoma uNgizwenkosi Mchunu kanye noBheka Mchunu ebatshela ukuthi bangabe besazidlala izingoma zakhe.
OLUNYE UDABA:Akasekho emhlabeni umculi kaMaskandi wodumo
"Ngabhalela no-Technical Producer uMdlalose ngathi lento abayenzayo kimina izwe lonke seliyibonile. Mina ngagcina ukuba ukumenywa ezingxoxweni nalo msakazo ngonyaka ka-2013.
Kukhona abaculi abamenywa kulo msakazo bephindelela ekubeni nami ngiyingxenye yabaculi abadumile kuleli,"kukhalaza lo mculi.
Lo mculi ukhala nangokuthi abasakazi boKhozi banjalo uma bemumema bamubiza ngemizuzu yokugcina bengamazisi ngaphambi kwesikhathi ukuthi uzobizwa.