Udlule emhlabeni 'bemkweleta' uMama uWinnie

2018-04-03 11:00

Durban - IMeya yomkhandlu wesifunda i-Alfred Nzo, e-Eastern Cape, ephinde ibe nguSihlalo we-ANC kulesiya sifunda uMnuz Sixolile Mehlomakhulu uthi bakhazekile ngokudlula emhlabeni besenesikweleti sentuthuko ebebemkweleta sona uMama uWinnie Madikizela-Mandela, ingqalabutho yomzabalazo edlule emhlabeni emuva kokugula isikhathi eside.

Engxoxweni ekhethekile noMnuz Mehlomakhulu emuva komhlangano ababenawo nezikhulu zomkhandlu kamasipala waseMbizana izolo lapho kuzalwa khona uMama Wesizwe, uMadikizela-Mandela, nalapho bebedingida khona izinhlelo zokuthi kunikezwe abantu besifundazwe sakhe ithuba lomvalelisa ngokusemthethweni - uveze ukuthi banesikweletu.

“Ngoba siyazi ukuthi uzongcwatshelwa eSoweto kodwa sithe sizohlela nomndeni wakhe oseMbhongweni esigodini azalelwa kuso eMbizana ukuthi umcimbi wesikhumbuzo ubanjelwe khona ukuze abantu bendawo yakhe abangeke bakwazi ukuba yingxenye yomngcwabo bamvalelise okokugcina,” kusho uMnu Mehlomakhulu.

OLUNYE UDABA: Sizomkhumbula nangezeluleko zakhe uMama Madikizela-Mandela : Mantashe

Uthe kubuhlungu ngoba kucace kamhlophe ukuthi isizinda kumbe lapho kuzalwa khona i-ANC kuse-Eastern Cape njengoba no-OR Tambo wazalelwa khona nakuba engangcwatshelwanga khona kodwa kubuhlungu ukuthi isifunda sakhe sidonsa kanzima kwezomnotho ukuphehla amathuba omsebenzi futhi kugqoza nentuthuko ngale kokuthi sakhiqiza abaholi.

“Ngesikhathi siyombona kwakhe eGoli egula [uWinnie] wasidonsa ngendlebe ukuthi ufuna ukushona sesiwufakile ugesi esigodini sangakubo kanjalo nemigwaqo, imitholampilo, izikole kanye nokunye.

"Nokho-ke lokho akuhambanga ngesivinini ngoba kudinga ukungenelela kukahulumeni kazwelonke njengoba thina siwumkhandlu odonsa kanzima kwezimali,” kusho uMnu Mhlemakhulu.

Uthi ubebathinta ngisho ocingweni ebatshela ngobunzima obubhekene nendawo azalelwa kuyo kangangoba uke wahambisa amakhompuyutha kwesinye sezikole abefunda kusona uMadikizela-Mandela esibizwa ngeMaphekutheni.

“Ubekhala ngebanga izingane zendawo yangakubo ezilihambayo uma ziya esikoleni nokuthi umgwaqo owubhuqu kawukho ezingeni elifanele.

"Okwenza ihambe kancane eyomgwaqo wukuthi uphumela eFlagstaff futhi ungaphansi kukahulumeni wesifundazwe,” kusho uMnu Mehlomakhulu.

Uthe kwasabona bebemsebenzisa kakhulu uma befuna ukuxhumana nohulumeni kumbe iHhovisi likeMengameli ezinkingeni ababhekene nazo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.