UDolly akazimisele ngokujoyina ama-Red Devils

2016-12-20 11:31

Johannesburg - Umdlali weMamelodi Sundowns uKeagan Dolly kubikwa ukuthi uchithe izinkunzi zaseGibhithe i-Al Ahly.

Lo mdlali weqembu elingompetha be-CAF Champions League umataniswa nezinkunzi zaseGreece i-Olympiacos, okuyiyona ehambisana nemibandela yokukhululwa kwakhe lo mdlali.

Kodwa uDolly neDowns kumanje basembangweni wenkontileka kanti kusalindwe isinqumo ngalolu daba.

Manje sekunemibiko ye-KingFut ethi i-Al Ahly isikhulume nabasohlangothini lukaDolly mayelana nokuthi lo mdlali ajoyine lezi zinkunzi.

OLUNYE UDABA: Ubuyela enkantolo owe-Fees Must Fall

Kodwa umdlali usekubeke kwacaca ukuthi akazimisele ngesiphakamiso saleli qembu.

“I-Al Ahly ixhumane neSundowns namhlanje kanye nemenenja yomdlali ngokuthi ajoyine ama-Red Devils ngenyanga ezayo. IKingFut ingakuqinisekisa ukuthi uDolly, akazimisele ngokujoyina i-Al Ahly njengoba efuna ukuya e-Europe,” kubika iKingFut.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.