UDolly usevalelisile kuSundowns – umbiko

2017-01-19 18:01

Cape Town – Kubikwa ukuthi intandokazi yomdlali weMamelodi Sundowns, uKeagan Dolly, usevalelisile kozakwabo kanye nabasebenzi beMamelodi Sundowns ngaphambi kokuba alifulathele elakuleli elibhekise eqenjini laseFrance, iMontpellier.

Ngokombiko weSoccer Laduma, uDolly uye eChloorkop ngoLwesine ukuyovalelisa futhi eyoqoqa nezinto zakhe ebezisasele enkundleni abebejimela kuyona.

OLUNYE UDABA: Ubaba kaDolly ukhwele wadilika kuSundowns

IMontpellier isizimisele ukukhipha isamba semali engu-€1.7m (R25m) njengokombandela wokuthengwa kwalo mdlali kanti kubukeka sengathi sekusele kancane kuphothulwe isivumelwano.

Abameli bakaDolly bebelokhu belwisana neMamelodi Sundowns ngemuva kokuthi leli qembu lasePitoli lashintsha umbandela wokuthengwa kwalo mdlali nalapho kuthiwa lagcina selifuna itshe lemali.

Kodwa-ke manje sekukuye lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala ukuthi enze izivumelwano ngezimfuno zakhe bese eyahlolwa ngokwezempilo eFrance.

Lo mdlali ogijima ohlangothini kulindeleke ukuthi asayine naleli qembu laseFrance uma ngabe esefika kuleliya lizwe ngoLwesihlanu.

UDolly udlale imidlalo elinganiselwa ku-60 ngesikhathi esekumaBrazilians.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.