Udube walaxaza umbhobho uMampintsha

2017-06-18 13:08

Durban - Seziphinde zaqina izinsolo ezimbi zokungahoshelani nokubhidlika kobudlelwano phakathi kwezinkunzi zabaculi baseThekwini uMthokozi Khathi odume ngelikaDJ Tira noMandla Maphumulo odume ngelikaMampintsha.

Kuzokhumbuleka ukuthi laba baculi basebenze kakhulu ndawonye benoMzi Tshomela odume ngelikaDanger kwiBig NUZ eshise izikhotha, iqopha ngaphansi kwe-Afrotainment, okuyinkampani kaTira.

Njengamanje iBig NUZ ibonakala ishabalala kuhle kwamazolo ebona ilanga njengoba ingasaqophi lutho futhi amalungu ayo engasajwayele nokubonakala ndawonye. Kwezinye izindawo lapho bemenywe khona kuthiwa bahlangana esteji bahlukane khona uma beqeda ukunandisa.

Emcimbini obungempelasonto edlule endaweni yokuzithokozisa iYadini Lounge, eMlazi, eningizimu yeTheku kuthiwa kucace bha ukuthi laba baculi abasahoshelani neze.

Nakuba izindaba zokungahoshelani kahle kwabo sekunesikhathi zilokhu zivela njengoba nalo ILANGA LangeSonto like labika ngazo phambilini.

Lo mcimbi obungeSonto eledlule eYadini lapho ukungezwani kukaTira noMampintsha kuhlale obala emphakathini, ubuwenzelwe uBabes Wodumo, ophethwe yinkampani kaMampintsha iWest Ink.

Ubuhlelwe ngabesiteshi sikamabonakude iBET, ebongelwa ngokuqokwa kwakhe (uBabes) emncintiswaneni amaBET Award, umcimbi wawo wokuklomelisa abanqobile ozoba ngempelasonto ezayo mhla zingama-25 eMicrosoft Theater eLos Angeles, e-United States of America (USA).

ILANGA LangeSonto lithole ukuthi uTira ubengamenyiwe kulo mcimbi obuseYadini kodwa ubekade ehambele owakhe eMashamplanez eChesterville, entshonalanga yeTheku, wokugqugquzela abantu ukuba bahambele itende lakhe leFact Durban Rocks ne-afterparty yakhona kwiVodacom Durban July (VDJ) yodumo.

Abebekhona kulo mcimbi kaTira bathi kawuhambanga kahle kanti eYadini kuthiwa bekugcwele kuchichima njengokujwayelekile ngamaSonto.

Kubikwa ukuthi ezinzulwini zobusuku uTira utheleke eYadini, wafica esteji kudlala ezaseWest Ink, abantu bethokozile.

Ubonakale esengena esteji, khona lapho uMampintsha washiya phansi umbhobho (microphone), wagwaza ukhalo nezakhe.

Ababone kahle efika uTira bathi ngaphambi kokungena kwakhe esteji uvele waqonda ngqo ebhokisini okudlala kulo oDJ. Ngesikhathi esebona ukuthi uMampintsha uyadikila njengoba eshiye umbhobho besacula nezakhe bahamba, uTira ube esememeza ethi Danger noMampintsha buyelani esteji kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

Ngemuva kwalokho uzwakale esememeza ethi "asiyiqale phansi le party, wasedlala ingoma ethi Happy Song kaDJ Fisherman apike kuyona iBig NUZ, kwaqhubeka umcimbi.

Ephawula uTira uthe: "Ngezwile ukuthi uhambile (uMampintsha) eMlazi kodwa benginganakile kangangoba noma sengimfonela ngakusasa kasizange siyikhulume leyo. Mayelana nokuthi ngathi i-party siyiqala phansi, bengingaqondisile nhlobo kuyena ngoba esehambile, bekuyisisho nje," kusho uTira.

Uyayichitha eyokungahoshelani kwakhe noMampintsha.

"Engikwaziyo wukuthi sikahle njengamanje mina noMampintsha, ake niyilandelele nani le ndaba nizozibonela," kusho uTira.

Uvumile ukuthi bake baqhelelana phambilini noMampintsha.

"Ngicabanga ukuthi ubegxile kakhulu kuBabes kodwa kusukela ezinyangeni ezimbili ezedlule sesiyatholana, ngimfunge uma (efunga unina). Siqale ukuxoxa kahle ngaphambidlana kokuba siqophe isikhangiso sale nto yakwaRedBull. Angazi-ke ukuthi uzokwazi yini ukubhalansisa indaba yakhe neBig NUZ uma sekumele basebenze njengeqembu.

"Angazi ngempela ukuthi bekonakele kuphi (ngobudlelwano babo) kodwa ngize ngacaciseleka ekhuluma (uMampintsha) kwiMetro FM nalapho ethe naye kumele akhule, enzele umndeni wakhe ifa njengoba nami ngenzile e-Afrotainment. Angisafuni kubikwe ngezinto ezingezinhle ngathi njengoba kwenze o....(egagula elinye iphephandaba lesiZulu elibike maphakathi nesonto ngombono wakhe ngokukhala kukaBabes Wodumo noMampintsha ngokungatholi lutho kuma-award).

Maphakathi nesonto uBabes ubenzelwe isidlo sasekuseni wuMasipala weTheku noNasty C abaqokwe naye kuma kumaBET Award, befiselwa uhambo oluhle. UTira akazange abonwe nangokhalo kulo mcimbi obekukhona kuwo nabanye abaculi baseThekwini.

Eziphendulela uthi ubematasa Olundi njengoba ehlela umcimbi weGumba Fest futhi bekwethulwa neLegacy Cup ehlelwa ngaMazulu FC.

ILANGA LangeSonto lizame kaningana ukuxhumana noMampintsha kumakhalekhukhwini wakhe kodwa yaphunza leyo mizamo. Uthunyelelwe nomqhafazo obumazisayo ukuthi iphephandaba lifuna ukuba nengxoxo naye kodwa kwashaya isikhathi sokuloba engaphendulile.

Nocingo lukaBabes Wodumo okuthiwa bahlala bendawonye naye njengoba kunamahlebezi okuthi bayathandana beluvaliwe. Leli phephandaba lizamile futhi nokuxhumana nokuthiwa ungumsizi kaMampintsha, uMelody kodwa naye wangatholakala.

UTira uthe uyakuhlonipha ukuziqhelelanisa kukaMampintsha nabezindaba emuva kokuba enxuswe yintatheli ukuba ayilekelele ithole uvo lwakhe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.