Florida - Ecasulwe ukuthi sekuphele izinyanga eziyisitupha eshadelwe kodwa engakaze alale nomkakhe, owesilisa oneminyaka engu-76 ubudala waseFlorida kusolwa ukuthi udubule umkakhe ezinqeni, ngokusho kwamaphoyisa abophe umsolwa.
UDonald Royce uboshwe ngoMgqibelo ebusuku ngemuva kokudubula umkakhe, 62, ekamelweni labo eLehigh Acres.
Umsolwa ugcinwe ejele laseLee County.
URoyce uthe selokhu bashada ngo-Agasti abakaze balwenze ucansi.
Ngokwesitatimende samaphoyisa, uRoyce ngoMgqibelo ebusuku udinwe waze wadubula umkakhe obengafuni benze ucansi ngesikhathi emcela.
OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owabhaxabula ingane eyibophele esihlahleni
Ngesikhathi ephekwa ngamaphoyisa ngemibuzo, uRoyce uthe udubule umkakhe ethi uzama ukumethusa ngemuva kokuxabana bebanga indaba yokulala.
URoyce uthe kade ezama ukudubula umbhede kodwa washweba wadubula umkakhe ngephutha.
Ngesikhathi kufika amaphoyisa endaweni yesehlakalo, uRoyce uwatshele ngokwakhe ukuthi uyena odubulile, washo nokuthi isibhamu sisendlini.
Unkosikazi kaRoyce ungeniswe eLee Memorial Hospital, nokuyilapho ethole khona ukwelashwa wabe esededelwa.
Inkantolo iyalele uRoyce ukuba angaxhumani nomkakhe, kubika iSmokinggun.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).