Ududulwe ngentululwane yenhlamvu usomatekisi waseGamalakhe

2018-02-18 14:02

eThekwini - UNobhala kasoseshini wamatekisi eGamalakhe ubulewe ngentululwane yenhlamvu ngoLwesihlanu ebusuku eSouthport.

UJabulani Mbili,40, obedume ngelikaMjay ubepake itekisi lakhe esangweni lasemzini wakhe ose-Abelia Crescent ngesikhathi ehlaselwa ushayasibhamu ongaziwa.

"Enye yezinhlamvu imshaye ekhanda uMbili,"kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Zandra Wiid

Kukholakala ukuthi uMbili ushone ujuqu ngesikhathi ehlaselwa. Imithombo esondelene nalolu daba ithi akukho kwebiwe kumufi.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa usomatekisi nomkakhe eKZN

"Ayidunwanga imoto abehamba ngayo kanti konke okungokwakhe bekusasekhona. Lokhu kusobala ukuthi bekuqondwe yena ngqo ngoba akazange agetshengwe lutho,"kusho umthombo ocele ukuba igama lakhe lingadalulwa.

Akukaboshwa muntu ngalesi sigameko kanti amaphoyisa aphenya icala lokubulala, kubika iSouth Coast Herald.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.