UDumisa Ntsebenza ugxeka uphrojusa wefilimu engempilo kaWinnie

2018-04-17 19:29

U-Advocate Dumisa Ntsebeza usekhwele wadilika kumqondisi wefilimu engempilo yeqhawe lomzabalazo elingasekho emhlabeni, uWinnie Madikizela-Mandela, wathi ubenezinhloso ezithile ngayo.

UNtsebeza, owayengukhomishana ngesikhathi kuqhubeka iTruth and Reconciliation Commission, uthe kucace bha ukuthi uPascale Lamche ubenezinhloso ezithile ngendlela alutshengise ngayo lolu daba.

"Iyamangaza indaba yongabakhathaleli abanye abantu etshengiswe wuphrojusa. Kule documentary uzwakala ethi: 'Angizange ngimnikeze ithuba lokuziphendulela uSydney Mufamadi'. Thina njengabameli nezintatheli siyazi ukuthi kubalulekile ukunikeza umuntu ithuba lokuziphendulela, ikakhulukazi uma esolwa ngento ebucayi," kusho uNtsebenza.

Ngesikhathi enengxoxo neNews24, uNtsebeza uthe ayimphathanga kahle indlela uLamche aziphathe ngayo.

OLUNYE UDABA: UMama Winnie ubulawe wubuhlungu benhliziyo, kusho osondelene nomndeni

"Ngokwakhe ufuna ukudlulisa umbono othile. Ulwazi oluningi ubeluthatha kwiStratcom futhi wangabathinta abanye abantu ukuqinisekisa lolo lwazi.

"Siyazi ukuthi abantu ababengenacala babegaxwa amathayi."

UNtsebeza usole uLamche "ngokungabakhathaleli abantu bethu".

"Enye inkinga enginayo wukuthi athi abantu bakuleli kumele bathole iqiniso. Lokho kutshengisa ukubukela phansi izintatheli zakuleli. Asidingi ukuthi kube nguye oxoxa ngempilo kaMama (Winnie Madikizela-Mandela). UMama wayengumuntu njengathi sonke. Wayengeyena ungcwelengcwele."

UNtsebeza uthi esikhundleni sokuthi izwe lizilele uMadikizela-Mandela, seligxile kule documentary.

Udaba oluphelele lapha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.