Udumo nempucuzeko kuyalimaza

2016-08-01 14:31
Mamgobhozi

Mamgobhozi (Sindi Mbili)

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Durban - NgoLwesine isimo besimuncu kwabaningi bethu sibuka sihambele umngcwabo womshayeli wezimoto zomjaho uGugu Zulu.

Indaba yaqala sihambele inkonzo yesikhumbuzo nomlingani wami.

Kwathi uma kusukuma udadewabo kaGugu saqala sashaya amakhala sinozakwethu sikhala ngesitayela sakhe sokugqoka.

OLUNYE UDABA: Uyamchitha ujoji uSthandwa Nzuza

Uma ungambonanga wayegqoke ingubo emnyama engenhla kancane kwamadolo, yize yayingemfishane,  ibhayi ayelibhince ngemuva lenza kugqame ukuthi ayiyinde ladonsa namehlo ayengenasidingo. Saqala sakhuluma ngempucuzeko nangesidala lesi esisijwayele amakhaya.

Ngiyakuqonda ukuthi ngenxa yomuntu uGugu ayenguye emphakathini,  mancane amathuba okuthi unkosikazi wakhe nomndeni bebengahlala ekhaya bagoye namatshali.

Akuthusanga neze ukubona umama wakhe nomkhwekazi beshiyelana inkundla bekhuluma.

Ngaqala ukunweba amehlo sengibona sekukhuluma umfelokazi.

Ngasala nemibuzoke ngoba umama lona usukuma nje vele ubese ekhulunyelwe othile obefunda incwadi ayibhalile evalelisa kumyeni wakhe.
Ngazibuza ngingedwa ukuthi bekuyoba njani ukube ubengasukumanga?

Kukhona yini ebekuzokonakala ukube akasukumanga wakhuluma?

Ngizamile ukudlulisa konke okwenzekile kwaze kwaba ngibona umbhalo kuFacebook, osatshalaliswe abaningi.

 Intatheli nombhali wezincwadi engimkhonzile uDudu Busani-Dube, ubhale ebuza ukuthi laba abagxeke umfelokazi kamufi ngokukhuluma, bebefuna kukhulume bani. Angibonge kuHlomuka ngokubuza lo mbuzo ngoba ungigqugquzele kakhulu ekutheni ngigcine ngibhala.

Ngijabhile ngibona abantu ebengibethemba besizakala ngalo mbuzo bewusabalalisa, nobekusho ukuthi bayaweseka.

Ngizibuze ukuthi-ke ngempela esinjani isizwe esizokwakheka uma omama bakusasa bedudana ngokulahleka kwesiko nokubukeleka phansi kwenhlonipho.

Ngokwazi kwami umfazi oshonelwe yindoda uyazotha, akababuki abantu emehlweni, akakhulumi, uyathobeka Abe nesithunzi abantu bamhloniphe noma bengamazi.

Manjeke omama abanjani abazovela ebantwini abafana noThabile Mbhele noZimbili Gumede-Mazibuko  uma sizothi sibathembile sithi bangomama benkonzo futhi bangabesifazane abaqotho, sibabone besizakala bevuna izinto ezingakhi?

Angikhathali noma ningathi ingcindelo noma ubuvuvu, ngiyayala eyokusukuma komfazi oshonelwe azomela abantu akhulume izindaba.

Uzwakalisa ubuhlungu anabo, asazi yini ukuthi kubuhlungu?  Ukhona yini ongakaze ashonelwe,  ongabazi ubuhlungu balento? 

Umfazi oshonelwe unikwa indawo yonke indawo la ahamba khona. Nasematekisini imbala la kukhalwa khona ngenhlonipho, uma kuqhamuka umfazi ozilile, osomatekisi bamnika indawo emfanele.

  Asiqali futhi asigcini ukushonelwa usaziwayo. Uma siqala ngaleli giya, kuyacaca maningi amanyala esisazowabuka.

Zolo lokhu sishonelwe uSenzo Meyiwa, akaze nakanye sibone umfazi wakhe uMandisa esikuma ekhuluma nathi siwumphakathi.

Uma lena kuyimpucuzeko nobusaziwayo, impela kukude la siyakhona. Vunanani nje kodwa ningakhohlwa ukuthi izwe linjena nje, loniwa kakhulu ilezingane ezizalelwe kumalungelo. Laba ababhema iwunga kumanje, bazalwa yibo labomama abasebancane. 

Bekuzosilimaza kuphi lizwe likaMthaniya ukubamba nje kancane kokunye esikhule aikubona kwenziwa? 

  Ngigcwele ukudabuka ngesilungu, amalungelo nempucuzeko okwafika.

Bheka ku-Facebook-Izindaba News24, ubone abanye batheni.        

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.