Udunelwe imoto obeyohlangana nomngani amthole ezinkundleni zokuxhumana

2018-04-08 16:31

eTshwane - Isigebengu esiduna izimoto sebe imoto yowesilisa esihlangane naye izinkundleni zokuxhumana sazenza umngani wakhe, kusho amaphoyisa aseTshwane ngeSonto.

Amaphoyisa athi lesi sisulu simenywe wulo mlisa emzini oseQueenswood empumalanga nedolobha lasePitoli ngoLwesihlanu ngemuva kokuba bahlangane ezinkundleni zokuxhumana.

"Ngemuva kokubusku behleli ndawonye bephuza, isisulu sathi sizonika lo msolwa i-lift ngoMgqibelo ekuseni. Kodwa endleleni sebehamba, umsolwa kanye nomunye umngani wakhe bahlasele lo mlisa ngesikhathi esicijile bashaya bachitha nemoto yakhe yohlobo lweHyundai T20," kusho uKaputeni Daniel Mavimbela ngesitatimende.

OLUNYE UDABA:Kushone 3 imoto ishayisa indawo yokudlela

Kuthiwa umsolwa ubanjwe efika esebhedlela saseMamelodi ngemuva kokuba ashayise ngale moto kuyo yona lendawo.

Isisulo sona lilashelwe ukulimala okuncane sadedelwa ukuba sihambe.

Umsolwa uzovela enkantolo kungekudala.

Amaphoyisa anxusa umphakathi ukuba uqaphele izinswelaboya ezizenza abangani ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.