Udunwe imoto umsakazi weGagasi - Umbiko

2016-08-10 11:33

Durban – Umsakazi weGagasi FM, uTrevor Philip, odume ngelika-TP, udunwe imoto ngoLwesibili izigebengu zamshiya edunguza ezimobeni oThongathi.

Lo msakazi oshayela uhlelo lwantambama ngokubambisana noThandolwethu, utholwe amalungu eReaction Unit SA.

U-TP kuthiwa uvinjwe yizigebengu ephuma endaweni yokuzijuxuza lapho abeqashwe khona ezintatha ngoLwesibili, zamphoqa ukuba angene emotweni yakhe zayomkhiphisa u-R1 000 ku-ATM, zase zimlaxaza emobeni.

OLUNYE UDABA: Udunwe imoto obengazi ukuthi usiza izigebengu

Kuthiwa zimbophe ngentambo, nokho wakwazi ukuziqaqa, wagaqa wayophumela emgwaqeni.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi omunye umsakazi walesi siteshi, uDiva Kadach, agwazwa kubo eMlazi kulezi zinyanga ezedlule.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala uthe kuvulwe icala lokweba kepha bekungakaboshwa muntu.

U-TP akatholakalanga ukuba aphawule.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.