Udutshulwe amahlandla amane emlenzeni obedunwa imoto eThekwini

2017-02-13 13:03

Durban - Owesilisa udutshulwe amahlandla amane emilenzeni yomibili ngesikhathi edunwa imoto endaweni yaseGlen Anil, kubika i-Northglen News.

Abasolwa bathathe lo wesilisa bamlaxaza kwaBester, elokishini elakhelene naKwaMashu.

UWarrant Officer Leon Audh, okhulumela amaphoyisa aseGreenwood Park uthe: “Ufakazi ozibonele ngawakhe uthe isisulu sihlaselwe amadoda amathathu sisamile emgwaqeni. Laba basolwa babe sebakhipha izibhamu bangena ngenkani emotweni yakhe bahamba nayo.”

Isisulu siphuthunyiswe esibhedlela saseThekwini ngemuva kokulimala kabi.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe 4 ngokudunwa kweloli kagwayi eGoli

Kwesinye isigameko esenzeke eDurban North, inkampani yonogada ijahe izigebengu ebezizama ukuduna imoto ku-M25.

Abasolwa ababili badune imoto yowesimame bashaya bachitha.

Onogada babone le moto ihamba kumgwaqo uChris Hani nokuyilapho bazame khona ukuyivimba.

Umsolwa oyedwa uvulele ngenhlamvu ebhekise konogada nokuyilapho okuqale khona ukudubulana.

Izigebengu zinqume ukuyishiya emgwaqeni imoto zabaleka ngezinyawo zangena ehlathini.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.