Udutshulwe ebusweni osolwa ngokuba umqwayizi

2018-03-26 19:30

Durban - Owesifazane osolwa ngokuba umqwayizi usesimeni esibucayi ngemuva kokudutshulwa amahlandla amaningi, ku-Palm Street eVerulam, esifundazweni iKwaZulu-Natal ekuseni ngoMsombuluko.

Kubikwa ukuthi amalungu eReaction Unit South Africa athunyelwe endaweni yesigameko ngemuva kokuthola imibiko ngokuqhuma kwesibhamu.

"Kuthe uma efika athola owesifazane edindilize phansi eceleni komgwaqo opha kanzima enxebeni lokuduthsulwa ebusweni,” kusho iReaction Unit South Africa.

Ubenelinye futhi inxeba lokudutshulwa esifubeni, namanye amabili emhlane.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa ubaba nendodana eGoli

Abosizo lokuqala bafikile kweyesigameko, bamnika usizo lokuqala owesifazane ngaphambi kokuba bamphuthumise esibhedlela esesimeni esibucayi.

Kutholakale izinhlamvu zesibhamu sohlobo lwe-9mm kanye nemali engu-R50 endaweni yesigameko.

Imbangela yokudutshulwa kwakhe ibingakaziwa okwamanje, amaphoyisa aqhuba uphenyo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.