Udutshulwe ngosuku lwakhe lokuqala emsebenzini umshayeli wetekisi

2017-01-27 18:03

Durban - UMzukisi, 30, waqala ngoLwesithathu ukusebenza njengomshayeli wetekisi ngaphansi kukasoseshini iDurban Liner Taxi Association.

Uthi ubesehlale iminyaka engasebenzi waze wabona kungcono ajoyine le mboni, kubika iDaily Sun.

Lo mshayeli utshele abeDaily Sun ukuthi wahlaselwa ntambama ngo-4 enomsizi wakhe uMthandeni Sigwaza, 25 eduze kwasehostela iWema eThekwini.

“Sasihleli erenki ntambama ngesikhathi kuqhamuka itekisi lima pambi kwethu kwadilika iqulu lamadoda.

“Ngezwa sekubanda isibhamu ekhanda lami, ngenhlanhla ngagqashuka ngabaleka ngezwa ngiphelezelwa yinhlamvu.”

OLUNYE UDABA:Kulindeleke agwetshwe umfundi owachamela umshayeli wetekisi

Lo mshayeli uthi wacasha ngasebhulohweni uMlazi River kwaze kwafika amaphoyisa ngeshwa umsizi wakhe akazange asinde kulesi sigameko.

Imibiko ithi lokhu kuhlaselwa kuhambisana nezimpi zomzila phakathi kukasosashini uDurban Liner kanye noMasakhokuhle taxi association.

Yize kunjalo osihlalo balezi zinhlangano bayaziphika lezi zinsolo bathi banobudlelwano obuhle kakhulu kanti futhi basola ukuthi lolu thuthuva luqalwa ngabantu abafuna ukubaxabanisa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.