Udutshulwe wabulawa umsolwa obevaleleke ku-ATM, oThongathi

2017-09-22 16:03

Durban – Osolwa ngokuba yisigebengu esibamba amabhange udutshulwe wabulawa ngamaphoyisa ephakathi ebhange oThongathi.

Lokhu kuvezwe ngamaphoyisa ngoLwesihlanu.

Lo mlisa oneminyaka engu-26 ubudala uzame ukugwaza iphoyisa eligcine ngokumdubula.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala uthe lokhu kwenzeke ngoLwesine ekuseni kanti umsolwa ubezifihle ngemuva kwetafula phakathi ebhange ngesikhathi kufika amaphoyisa.

"Amaphoyisa aqale amemeza emxwayisa lomlisa kodwa wangawanaka. Usuke lapho wakhipha ummese wazama ukugwaza iphoyisa nokuyilapho limdubule khona esifubeni," kusho uGwala.

OLUNYE UDABA:Liphume nobomvu – kusho i-MKMVA ngokusula kukaMakhosi Khoza

Lo msolwa uphuthunyiswe esibhedlela nokuyilapho ashonele khona.

Iphoyisa kalizange lilimale kulesi sigameko, kanti ummese walo msolwa unikezelwe emaphoyiseni asoThongathi.

UPrem Balram, okhulumela inkampani yonogada ezimele eReaction Unit SA, efike kuqala endaweni yesigameko uthe bekunamadoda ayisithupha abezama ukugqekeza i-ATM yaleli bhange kodwa ahluleka, kwasala umsolwa oyedwa obevaleleke phakathi.

UGwala uthi kuvulwe icala lokugebenga kanye nelokuzama ukubulala.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.