U.e.tv wenze ezinye izinguquko, kuzothinteka i-soapie nezindaba

2017-08-29 09:32

Cape Town – Isiteshi sakuleli sikamabonakude, u-e.tv sizokwenza izinguquko ngezikhathi okungena ngazo umdlalo waso oyi-telenovela, iBroken Vows, kanye nezindaba zakusihlwa, i-eNews Direct.

Njengengxenye yokufika komdlalo owuchungechunge noyintandokazi, iDays of Our Lives kulesi siteshi, u-e.tv wenza izinguquko ezinqala ezinhlelweni zawo ezingena ngezikhathi zakusihlwa lapho kunabantu abaningi ababukela umabonakude (prime time) kusukela ngoSepthemba nalapho iDays isizoqala ukudlala kulesi siteshi ngo-17:30.

Kwenzeke obekungalindelekile ngesikhathi lesi siteshi siphushela uhlelo lwezomculo, olungena ngoLwezihlanu i-Club 808 eshintshelwe esikhathini lapho i-tv isuke ibukwa kakhulu izingane nentsha esencane ngo-16:30 kusukuela ngoLwesihlanu mhlaka-8 Septhemba – nokuyisikhathi lapho abantu lolu hlelo olubhekiswe kubo (target audience), nokuyintsha esikhulile, bezobe bengakafiki emakhaya.

OLUNYE UDABA: U-e.tv usuphushele iClub 808 ezinhlelweni ‘zetakalani’ ngenxa yeDays

Manje lesi siteshi sesishintshe izikhathi okungena ngazo iBroken Vows kanye nezindaba (News Direct) – nokuyizinhlelo zombili ezindonsa kanzima ngesibalo sababukeli.

Kusukela ngoLwesihlanu, mhlaka-4 Septhemba, umdlalo iBroken Vows, nodidiyelwa yiClive Morris Productions, usuzosuka ku-20:00 uye ku-18:30 nalapho uzotholana khona phezulu nesizini yesithupha yomdlalo owuchungechunge ka-SABC1 obhekiswe kakhulu entsheni, i Skeem Saam.

Izindaba zolimi lwesiNgisi ezingena ngo-18:30, manje sezizongena ngo-20:00, nokuyisikhathi okungena ngaso umdlalo kamabonakude ongaconsi phansi kuleli, iGenerations - The Legacy.

Kubukeka kuzoba lukhuni satshe ukuthi iBroken Vows kanye ne-eNews Direct badonse ababukeli abaningi njengoba lezi zinhlelo bezivele zidonsa kanzima ngalezi zikhathi ezidlala ngazo njengamanje. Ngale kwalokho iningi labantu aliphuthwa yiSkeem Saam kanye neGenerations.

Lokhu kusho ukuthi u-e.tv usuzodlala ama-soapie elandelalana kusukuela ngo-17:30 (Days of Our Lives), ngo-18:30 (Broken Vows), ngo-19:00 (Rhythm City) bese kuthi ngo-19:30 kudlale iScandal.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.