UFacebook usushaye imithetho yokuvimbela izithombe zocansi nodlame

2017-05-23 19:29

London – Isikhondlakhondla senkampani yezokuxhumana, uFacebook, sesakhe imithetho esizosetshenziswa abahloli ukunqanda ama-posts abantu ababalelwa ku-2 billion abasebenzisa uFacebook.

Lokhu kulandela ukugxekwa kwale nkampani emhlabeni wonke ngokuhluleka kwayo ukuvimba izithombe zodlame, ucansi kanye nezinkulumo ezinenzondo, iThe Guardian ibike kanjalo.

UFacebook uthembele kwizinkulungwane zabahloli ababuyekeza ama-post angase aphathe kabi abathile, okubalwa kuwo ama-video okufa kwabantu, udlame, imibukiso yocansi, ukuhlukunyezwa kanye nezinkulumo ezisabisayo.

I-The Guardian ithi ithole amakhophi izinkulungwane zezithombe kanye nemifanekiso uFacebook abelane ngayo kubahloli ukuze bayisebenzise njengomhlahlandlela, kanye nokuthi iningi labahloli lithukile ngobukhulu besibalo sama-post adinga ukubuyekezwa.

OLUNYE UDABA: Konke sekubuyele esimweni ngenkinga ka-WhatsApp

Abahloli banemizuzwana engu-10 ukuthatha isinqumo sokuthi bakususe yini okufakwe kuFacebook, iThe Guardian ibike kanjalo.

Phakathi kwezinye zezinto esezizobhekisiswa ngokwemigomo emisha kaFacebook, ngokokubika kweThe Guardian, kubalwa:

-       Ama-video okufa kwabantu ngesihluku angavunyelwa uma esetshenziselwa ukuqwashisa abanye. Izithombe zokuhlukunyezwa kwezingane uma kwabelwana ngazo “ngokuthokozela noma ukugubha”. Kungenjalo kungahlala kuFacebook, kodwa kumakwe njengokuphazamisayo (“disturbing”).

-       Ukuhlukunyezwa kwezilwane kuvumelekile, kodwa kumele kumakwe ukuthi kuyaphazamisa.

-       Ukusabisa ngodlame osopolitiki noma abantu benkolo ethile kumele kususwe, kodwa kungahlala kuFacebook uma kusetshenziswe ulimi olungaphumi nesiqu somuntu noma olukhuluma ngabantu lubabophe ngabhande linye.

UFacebook utshele iThe Guardian ukuthi kunzima kakhulu ukufika esivumelwaneni nabantu abasebenzisa le nkundla yezokuxhumana njengoba bebalelwa ku-2 billion. Abantu banemibono eyehlukile ngokuthi yini efanelekile ukuthi wabelane ngayo, kusho uFacebook.

Ngaphambilini kule nyanga, uFacebook wathi uzoqasha abantu abangu-3 000 ukuthi bahlolisise izithombe ezifakwa kule nkundla yezokuxhumana. Lokhu kulandela ukugxekwa okukhulu kwale nkampani kulandela ukusakwaza kwesigameko sokubulala kanye nesokuzibulala kule nkundla yokuxhumana. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.