Ufakwe ebhuthini wayoshiywa esigangeni umlingisi ebanjwa inkunzi

2017-01-30 07:42

Johannesburg – Umlingisi ophinde abeyijaji kwi-SA's Got Talent, uJamie Bartlett, ufakwe ebhuthini lemoto ngesikhathi ebanjwa inkunzi eGoli ngoLwesihlanu ebusuku, kusho amaphoyisa ngeSonto.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Kay Makhubele uthe uBartlett, owaziwa kakhulu ngelikaGenaro kwi-Rhythm City, ushaywe ebusweni ngesikhathi emile emarobhothini ekhoneni lika-Owl noFrost street e-Auckland Park/Brixton.

Abasolwa abathathu bamkhombe ngezibhamu bangena emotweni yakhe emnyama yohlobo lweMercedes Benz, bamshaya.

Ngemuva kwalokho bamkhiphile emotweni bayomfaka ebhuthini lemoto.

“Bahambe naye baze bamshiya endaweni angayazi nokuyilapho elinde khona kwaze kwasa ngaphambi kokuba ahambe ngezinyawo efuna usizo,” kusho uMakhubele.

OLUNYE UDABA: UMinnie ujoyine iSuperSport

Ubeshiywe esigangeni eZonkizizwe, ngaseKatlehong e-East Rand.

Ucele usizo emzini othile, umlisa obephakathi wafonela amaphoyisa aseZonkizizwe.

UMakhubele uthe uBartlett uthathelwe imoto yakhe, i-iPhone 7, isikhwama kanye namaringi amabili angamagolide, konke okungabiza u-R1.2m.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.