Ufakwe ohlwini lwabazohlolwa ingqondo osolwa ngokudlwengula

2017-06-06 16:01

Kimberley – Owesilisa oneminyaka engu-26 ubudala osolwa ngokudlwengula kanye nokubonisa amantombazane amathathu isitho sakhe sangasese uzohlolwa ingqondo.

Lo msolwa ufakwe ohlwini lwabazohlolwa esibhedlela iWest End Psychiatric Hospital, eKimberley.

UThapelo Gideon Molusi uvele phambi kweNkantolo kaMantshi eKimberley ngamacala ambalwa okubalwa kuwona nawokudlwengula kulandela isigameko esenzeka ngoNovemba wangonyaka odlule.

UMolusi ubhekene namacala amathathu okudlwengula, amabili okuphoqa izingane ukuba zibuke izenzo zocansi kanye namathathu okushaya.

Lokhu kwenzeka eWest End Club emgwaqeni uSchmidtsdrift ngesikhathi kunomcimbi i-Movie Night under the Stars.

OLUNYE UDABA: Ugwetshwe iminyaka engu-25 umdlwenguli waseMpangeni

UMolusi wabamba amantombazane amathathu aneminyaka engu-7, 10 no-12 ubudala emgwaqeni wawaphoqa ukuba aphuze utshwala.

Wadlwengula amantombazane amabili eyodwa wayiphoqa ukuba ibukele. Ngemuva kwalokho wathatha la mantombazane wawahambisa kwenye indawo lapho akhumula khona waba nqunu wawatshengisa isitho sakhe sangasese, wawaphoqa futhi ukuthi alale naye.

Ngenhlanhla la mantombazane akwazi ukuphunyuka abaleka, kubika iDiamond Fields Advertiser.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.