Ufele emanyaleni owengane 'enobaba ababili'

2017-04-10 16:03

Durban - Ufele emanyaleni owesifazane waseNewlands East, entshonalanga yeTheku obenengane enenyanga izelwe okusolwa ukuthi ubulawe yishende ngokuba limphuzise ushevu bebanga ingane, kubika ILANGA.

Kuthiwa ingoduso ibiphume esokeni layo isanda kubeletha yathi iyovakashela abakubo, iyobakhombisa ingane, kanti ihambisa ingane eshendeni layo nalo ebelazi ukuthi ingane ngeyalo.

Kuduma ikhanda kuMzwenhlanhla Gumede, 43, waseMkhomazi eningizimu yeTheku, ngesigameko sokushona kwengoduso yakhe, uNonhlanhla Cekwayo, 31, abeyilindele ukuba ibuye ekhaya izolo ngeSonto.

UGumede ukhala ngokuthi indodakazi yabo esanda kuzakwa akayazi nokuthi ikuziphi izinkalo, njengoba kuthiwa ibaleke neshende lengoduso yakhe engasekho emhlabeni.

ILANGA lixoxe noGumede obezwakala ngisho ekhuluma ukuthi uphithene ikhanda ngento emehlele.

Uthi ingoduso yakhe ibinamasonto amabili ihambile emzini wabo iyovakashela abantu bakubo ePort Shepstone.

Uthi selokhu yahamba ingoduso ibingakaze ilibhade kubo kwayo, ibihleli neshende sonke lesi sikhathi.

Uthi ubexhumana nayo ngocingo yize kwesinye isikhathi ibibuye iluvale ucingo imkhohlise ngokuthi ibingashajile.

“Sonke lesi sikhathi ngiyifonela ibingitshela ukuthi ikubo kanti nonina uyayinqabela ukuba ibuye, uthi ingane isencane mayihlale ikhulise ingane.

OLUNYE UDABA: Uyagonyuluka 'umahosha owabulalisa umyeni'

“Ngigcine ukukhuluma nayo ocingweni ngoMgqibelo emini savumelena ngokuthi ekuseni izobuya. Ngethuke ngacishe ngashayeka phansi uma sengifonelwa ngumuntu engingamazi engitshela ukuthi mangiphuthume eNewlands ufanise inkosikazi yami ilele phansi eceleni komuzi angawazi idinga usizo,” echaza.

Uthi uqale waba nokunqikaza uma ethola lolu cingo ngoba yena ubazi ukuthi ingoduso yakhe isemakhaya futhi ubekade egcine ukukhuluma nayo emini yaqinisekisa ukuthi isemakhaya izobuya ngakusasa.

UGumede uthi uthole ngomakhelwane balapho bekuqashe khona ishende layo ukuthi kube nengxabano ngoMgqibelo, owesifazane efuna ukugoduka kodwa isoka lingafuni, lithi akahambe yedwa ashiye ingane.

“Ngithuke ngacishe ngashayeka phansi sengithola ukuthi lelo soka ngumuntu engimaziyo obesebenza nayo ingoduso yami. Kwesinye isikhathi ubeyivakashela ingoduso yami ehamba namanye amantombazane abasebenza nawo."

Uthi omakhelwane bamtshele ukuthi ngemuva kwengxabano isoka liphuzise owesifazane okuthile abasola ukuthi ushevu ongathathanga isikhathi eside wabonakala esekhala ngezinhlungu esiswini, nokuthe uma ezama ukuyofuna usizo wawela phansi, esephelelwe amandla, kwaba ukushona kwakhe.

Kuthiwa  isoka lisukume ngaleso sikhathi lathatha ingane lahamba nayo, kanti namanje abaziwa ukuthi bakuziphi izinkalo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.