Ufike nogandaganda ethi uzodiliza izisikole ongakhokhelwanga

2016-11-09 16:01

Hammersdale - Kusize inkani kowesilisa owakha udonga lwesikole obesabisa ngokudiliza izindonga zesikole uma bengamkhokheli.

USanele Shabalala okunguyena owakha izindonga zesikole samabanga aphakeme iSikhethuxolo eHammersdale uthi lesi sikole simikweleta imali engango-R56 000 ngemuva kokuthi akhele lesi sikole amatafula angu-45, wathenga nezitina ezingu-36 000 esitolo sezimpahla zokwakha ngegama lakhe.

“Kusize inkani yami ukuthi baze bakhiphe elithi bazoyikhokha ngoMsombuluko imali, ukube angiyanga nogandaganga ngivimbe isango ngemoto yami ngithi akungeni lutho ehamba ngemoto ngabe angazi ngoyithola nini imali yami,” kuchaza uShabalala.

Elinye ilungu lesigungu sesikole elingathandanga kudalulwa igama  litshele abe-Eyethu KZN ukuthi kuningi ukukhohlakala okuqhubeka kulesi sikole .

OLUNYE UDABA:Umakhi udubule wabulala uzakwabo, walimaza abanye

“Emasontweni amathathu adlule kukhishwe imali engu-R20 000 kuthiwa kwenzelwa izingane iphathi kodwa thina njengamalungu esigungu sesikole asaziswanga ukuthi kukhona imali eyisamba esingako ezokwenza iphathi.

“Mina ngifuna ukuthi uMnyango wezeMfundo ungenelele, ngoJuni izingane azilibhalanga iphepha leSocial Sciences (SS) ngenxa yokuthi uthisha waleso sifundo wafika edakiwe ngosuku lokubhala,” kubeka lona.

Uphethe ngokuthi okubi beyisikole sebeyabona ukuthi ezinganeni ezingaphezulu kuka-100 ezibhalisele ukuhlolwelwa kukamatikuletsheni kuzophasa izingane ezine kuphela.

Amahlebezi athi kukhona nothisha abaningi abaqashwe kulesi sikole kodwa bengenazo iziqu zokufundisa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.