Ufike wadlula umnqamulajuqu uMugabe engasulile esikhundleni

2017-11-20 14:01

Harare - UMengameli Robert Mugabe angase abhekane nokuba iqembu lakhe livotele ukuba akhishwe esikhundleni ngoMsombuluko, kulandela ukugcizelela ekutheni kusaphethe yena eZimbabwe.

Lokhu kuyize umbutho wezempi ushaqe umbuso wabeka umnqamulajuqu wokuba uMugabe ehle esikhundleni ungakashayi u-12:00 emini ngoMsombuluko.

Ngesikhathi ethula inkulumo bukhoma kumabonakude ngeSonto ebusuku, uMugabe, 93, umangaze abaningi engasamemezeli ukuthi uyesula esikhundleni njengoba bekulindelekile, nokuchaza ukuthi izwe lingena esontweni lesibili lingazi ukuthi kwenzekani.

Inkulumo kaMugabe ivuse intukuthelo kanye nokungakholwa kubantu baseZimbabwe, kwaqubula nokukhathazeka kokuthi uMugabe angase ehle kungasekuhle.

Iqembu lakhe iZanu-PF ebilokhu ithembeke njalo kuye - nayo esimfake amasondo yamyalela ukuba asule njengomengameli wezwe -- ixwayise ngokuthi izovotela ukungamethembi uma ehluleka ukufaka incwadi yokwesula ngaphambi komnqamulajuqu obekiwe.

Iqembu belingakaphawuli ngesinyathelo esilandelayo njengoba lo mnqamulajuqu ushaye waze wadlula kuthulekile.

OLUNYE UDABA: Ushiye abaningi bedidekile uMugabe engasuli esikhundleni

Umbutho wezempi bekulindeleke ukuba ubambe isithangami sabezindaba ngenhloso yokuphendula ngesiphithiphithi esesidalwe wukungesuli kukaMugabe.

Njengoba umnqamulajuqu udlulile, kuzwakale umsindo wababhikishi abahlanganyele e-University of Zimbabwe eHarare njengoba befuna uMugabe ehle esikhundleni.

Inkulumo kaMugabe ibibhekwe ngamehlo abomvu njengoba bekulindeleke ukuba amemezele ukuthi usezibeka phansi izintambo njengomengameli waleli lizwe aliphatha kusukela lathola uzimelegeqe.

Kepha ngemuva kwenkulumo zehlile iziqhomo njengoba uMugabe eze wayiphothula engazange athi vu ngokwehla kwakhe esikhundleni.

Uphethe ngokuthi uzobe ekhona enkomfeni yeqembu ezobanjwa maduze.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.