UFikile Mbalula wesulile njengelungu le-ANC ePhalamende

2018-03-09 14:01

Johannesburg - Lowo owayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula uyilungu lakamuva le-ANC ukwesula ePhalemende.

Ngesonto eledlule, lowo owayenguNgqongqoshe weziMboni zikaHulumeni uLynne Browne naye wesulile ePhalamende.

Lokhu kulandela isimemezelo esenziwa nguMengameli Cyril Ramaphosa sokwenza izinguquko kwiKhabhinethi, esabona laba bobabili bekanye nabanye befakwa amasondo.

UMbalula usesebenza njengoSihlalo wekomidi lokhetho kanti usezinze ekomkhulu le-ANC iLuthuli House. Useqalile ukulungiselela inhlangano ebusayo njengoba kuza ukhetho lukazwelonke ngo-2019 ngokuthi abambe ama-workshop.

OLUNYE UDABA: UFikile Mbalula ufisele uBheki Cele okuhle kodwa

"IHhovisi likaSotswebhu we-ANC liyaqinisekisa ukuthi lowo obenguNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula ufake incwadi yokwesula njengelungu le-ANC ePhalamende," kusho lowo okhulumela uJackson Mthembu, uNonceba Mhlauli, esitatimendeni.

UMhlauli unanele ngokuthi uMbalula wayifaka ngomhlaka-26 Febhuwari incwadi yokwesula.

"Yize ukuhamba kukaqabane uMbalula ePhalamende kuzoshiya isikhala, sithola ukweneliseka ekwazini ukuthi uzoqhubeka nokusebenzela umzabalazo njengenhloko yezokhetho kwazise sibheke okhethweni luka-2019," kusho uMhlauli.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.