Ufisa abezepolitiki bafunde kosomatekisi

2018-04-27 09:34

Kokstad - IMeya yomkhandlu uBuhlebezwe ephinda ibe umholi we-ANC esifundeni saseHarry Gwala eningizimu yesifundazwe iKwaZulu-Natal, uZamo Nxumalo ufisa sengathi ubuholi bezombusazwe kuleli bungafunda lukhulu kubuholi bemboni yamatekisi iSantaco endaweni yakhe eXobho. 

UNxumalo ukusho lokhu emuva komcimbi wokunikela ngenyufomu ezinganeni zezikole zesifunda saseHarry Gwala obubanjelwe eHighflats ngoLwesine,  lapho ubuholi obudala beSantaco  nabo bebuyingxenye yomcimbi bubambisene nobuholi obusha. 

"Kungithinte kakhulu ukubona indlela osomatekisi bendawo yethu ababumbene ngayo ngangakwazi nokuzibamba njengoba nathi singosopolitiki kufanele sikufunde lokhu kokuthi uma usukhishiwe esikhundleni sepolitiki, qhubeka usebenzele inhlangano ungavele unyamalale kumbe usebenzele ukuxova inhlangano," kusho uNxumalo.

 OLUNYE UDABA:Ushisa phansi umbango wamapulazi ka-R45m

Ukusho lokhu nje isifunda sakhe iHarry Gwala singesinye esihamba phambili ngokubulawa kosopolitiki esifundazweni saKwaZulu Natali ekusolwa ukuthi basocongwa ngenxa yezigameko ezisondelene nezombangazwe. 

Kulowo mcimbi bekukhona nalowo awayengu sihlalo weSantaco uMnuz David Kheswa naye ogqugquzele izingane ngezemfundo. 

Usihlalo weSantaco omusha uMnuz Benny Roberts uthe ziyamjabulisa kakhulu izincomo ezifana nalezi nokuthi ke udlame akuyona into elokhu isemqondweni wabo kepha bazifundisa ukuhlala phansi bakhulume. 

"Ngilokhu ngibatshela ukuthi noma singalwa sibulalane kodwa ekugcineni sizoxoxa sibuyisane, kungani singavele sixoxe kuphela sixazulule lokho okusixakile ngoba empeleni lana size ngokuzokwenza ibhizinisi hhayi ukuphaka impi," kusho uRoberts. 

Uthe iqhaza abalibambile lokugqugquzela imfundo ukusabela kwinkulumo kaMengameli njengoba wathi imfundo iyisisekelo sezwe elinekusasa eliqhakambile.




NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.