Ufuna bayeke ukuhleba ngaye othandana nekhehla

2016-07-25 11:33

Johannesburg - UMohlapi Monyane wayeneminyaka engu-22 ubudala ngesikhathi ehlangana nobaba wezingane zakhe ezimbili kodwa ngaleso sikhathi wayesevele eneminyaka engu-60 ubudala.

Sekuphele iminyaka engu-5 laba bobabili besathandana kanti uMonyane ufuna abantu bayeke ukukhuluma ngaye mayelana nobudlelwano bakhe.

UMonyane oneminyaka engu-27 manje uthe ngesikhathi eqala ukujola noSkhumbuzo Zuma, 65, wonke umuntu endaweni wayemuncenga ukuba amshiye abheke ontanga bakhe.

OLUNYE UDABA: Kufundiswa abafuna ukuba ngoSugar Baby

Manje usefuna omakhelwane eBerea eGoli bamukele ukuthi bayathandana futhi babayeke phansi.

"Ngesikhathi eqala ukungishela angizange ngilokhu ngishona le nale. Ngavele ngamthanda nami ngase ngithuthela efulethini lakhe maduze eBerea lapho asebenza khona njengonogada," usho njalo.

UMonyane uthe uyalithanda ikhehla lakhe ngoba useke wabona amantombazane amaningi amancane ekhala ngophathina babo ababajolelayo, kubika iDaily Sun.

"Uyanginakekela futhi akangijoleli. Ngithola konke engikufunayo kuye. Uyanginelisa embhedeni futhi ngijabulile," usho njalo.

UMonyane uthe yize isoka lakhe libukeka ligugile kodwa liyibhubesi embhedeni. 

"Uyikho konke engikufunayo," usho njalo.

Leli khehla lithe uMonyane uyindlovukazi yakhe.

"Ngiyamuthanda kanti angifuni ukulahlekelwa nguye, athathwe yibhungu elishayela imoto kanokusho," usho njalo.

UZuma uthe eminyakeni emihlanu aseyichithe noMonyane akakaze aphoxeke nakanye.“He’s all I want,” Mohlapi said.

"Uhlezi enami uma ngimudinga futhi akayi emaphathini njengabanye abantu besifazane.

"Uhlezi esekhaya sizihlaleel kahle sobabili," usho njalo.

Umakhelwane uFelix Ntungwa, 36m, uthe ubelokhu ezibuka lezi zithandani zokhula othandweni.

"Abantu babejwayele ukuhlekisa ngaye uMonyane kodwa namanje usahlezi nesoka lakhe," kusho uNtungwa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.