Ufuna imali yakhe omelwe yihhashi eline"nduku" enkulu egcekeni

2016-07-28 12:39

Johannesburg - Iphephandaba iDaily Sun ngesonto eledlule labika ngoZolani Krwala owayelele embhedeni wakhe elinde utokoloshe wesangoma ukuba ufike uzhlikihla induku yakhe ukuze izokhula.

Kodwa utokoloshe awuzange ufike uKrwala wasala nenkinga, engakwazi nokuyovula icala emaphoyiseni.

OLUNYE UDABA: Kumbhedele obezama ukukhulisa 'induku'

Kodwa manje isangoma sesibuyile kanti sitshele uKrwala ukuthi ukungakhuli kwenduku yakhe kudalwe yinkinga ezincane.

Futhi uthi lo tokoloshe wamthumelela umqhafazo kuwhatsapp umchazela kahle ukuthi yini eyamubambezela.

Lo tokoloshe kwakufanele uthole amafutha ibaby oil ukuze uzohlikihla kahle, kusho uMkhulu Basheshe.

"Ngeshwa ikhadi lakhe lasebhange angasebenza ethilini kwase kufanele agibele umshanelo abheke ebhange.

"Utokoloshe wawusendleleni ubheke kwa-FNB ngesikhathi kuphuka induku yomshanelo. Kwase kufanele abheke okokunamathisela i-wood glue ukuze ezowukhanda.

"Yilokho ke okwabambezela inqubo," kusho uBasheshe.

Kodwa uKrwala akachazekile neze.

Le ndoda yase Mpindweni village eMthatha itshele iDaily Sun ukuthi ayisafuni lutho ezoyihlanganisa nalesangoma noma no tokoloshe wakhe isifuna imali yayo engu-R2 000.

UKwrala uthe usahlaselwa yihhashi elimnyama elisegcekeni lakhe elidelela yena nomkakhe ngenduku yalo enkulu.

Kodwa uBasheshe uthe uKwrala kwakungafanele aye kwabezindaba noma amaphoyisa ngalolu daba ngoba lokho kusabisa utokoloshe.

"Ukube uKwrala wabekezela wangaya kwabezindaba ngabe kwahamba ngohlelo.

UKwrala uthe usekhathele manje.

UConstable Ngqiqo Mbelu wamaphoyisa aseNgangelizwe uthe uKwrala angeke akwazi ukuvula icala ngoba asikho isivumelwane esibhalwe phani phakathi kwabo.

"Ngicabanga ukuthi azitholele ummeli noma aye enkantolo," kusho uMbelu.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.