UFuna u-R1.5 million obizwe ngenkawu

2017-08-10 11:00

Durban - Ufuna u-R1.5 million ngokwehliswa isithunzi ngobengumqashi wakhe owesilisa waseJozini, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natala ngemuva kokunqoba icala abelifake eNkantolo yezokuLingana, eThekwini.

UMnu Thabo Lungisani Khanyile ubemangalele uMnu Mohammed Razeeiden Ali ongumnikazi weBlue Ocean Security Campany ngokumbiza ngenkawu.

NgoMsombuluko uMohammed ulahlwe ngecala lokwehlisa isithunzi uMnu Khanyile. Leli cala liqulwa nje, uMnu Khanyile ubeselahle ithemba ngokuthi lisazobuye liqulwe emuva kwesenzo somphenyi walo osebenzela isiteshi samaphoyisa asePhoyinti eThekwini obelokhu ebhala ecisha, engafuni ukulandisa isisulu ngokuqhubekayo.

UMnu Khanyile uthe ubonga amandla eLANGA ngokusukumela lolu daba ngoba emuva kombiko walo ziqalile izinhlelo eziphuthumayo zokuludingida.

Phambilini utshele iphephandaba ngalolu daba ngoba enovalo lokuthi kungase kube nokwenzelela enkantolo ngoba uMohammed, uMshushisi London Hussein, yimantshi uMnu Mourrienyeing bangabohlanga olulodwa.

OLUNYE UDABA: Ubehlukunyezwa yisoka otholakale eshonile

Imantshi ilahle ummangalelwa ngecala maqede yamgweba ejele noma akhokhe u-R10 000 nenhlawulo ka-R20 000 okufanele ufakwe esikhwameni seMandela Foundation.

UMohammed uqoke ukukhokha imali kunokuba abhadle ejele. Ngaphezu kwalokho, ubuye walengiselwa isigwebo seminyaka eyisihlanu, engatholakali necala elifanayo.

UMnu Khanyile utshele iphephandaba ukuthi usezinhlelweni zokufaka amaphepha enkantolo ukuze umsolwa ezogeza igama lakhe ngokumehlisa isithunzi, akhokhelwe u-R1.5 million.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.