Ufuna u-R24m owafakelwa igazi wathola igciwane

2017-09-18 18:01

Johannesburg - Owesilisa waseThekwini othi wafakwa igazi elinegciwane, umangalele iSouth African National Blood Service, efuna ukunxeshezelwa ngo-R24 million.

Ngokwamaphepha afakwe enkantolo, owesilisa – elingadalulwanga igama lakhe ngenxa yobucayi bodaba lwakhe – wafakelwa igazi izikhawu eziningi ngesikhathi esesibhedlela ngo-Okthoba 2011.

Lolu daba lungene eNkantolo eNkulu eThekwini ngoLwesihlanu kodwa belungakabekwa usuku oluzolalelwa ngalo.

Ngemuva kweminyaka emibili efakelwe igazi, kwatholakala ukuthi usene-HTLV-1 (Human T-cell Leukemia Virus Type I) okuwuhlobo oluthize lomdlavuza. 

Lolu hlobo lwegciwane luhlasela i-nervous system kanti okwamanje alikatholakali ikhambi lalo.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe osolwa ngokubulala uSindiso Magaqa

Ngokwamaphepha asenkantolo, lona wesilisa usesebenzise imali engafinyelela ku-R350 000 ukuthola ukwelashelwa lesi sifo eminyakeni emine eyedlule.

Akasakwazi nokusebenza.

I-SANBS emaphepheni ayo ewafake enkantolo ithe amagazi ayiwahloleli leli gciwane le-HTLV-1 ngenxa yokuthi bancane kakhulu abantu abanalo eNingizimu Afrika.

I-SANBS ithi ngesikhathi umuntu efakelwa igazi, uyexwayisa yena nodokotela ngobungozi bokuthi angase athole izifo ezithize.

Lolu daba kulindeleke luqale ukuthethwa maduzane enkantolo.

-IOL

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.