Ufuna ukufaka isicelo sebheyili 'owabulala' intombi ngesihluku

2017-02-10 16:00

Johannesburg - Uvele kafushane eNkantolo yeMatshi yaseMoretele uThabo James Dube oneminyaka engu-37 ubudala kanti ubesevela okwesithathu enkantolo.

Egcina ukuvela enkantolo uDube wathi akayifuni ibheyili kodwa izolo (ngoLwesine) ushaye ungqimphothwe.

Udaba lwakhe luhlehliselwe umhlaka-21 Febhuwari ukuze ezokwazi ukufaka isicelo sebheyili.

OLUNYE UDABA:Oshise i-Ex nomshana wayo uthi ulahlekelwa yingqondo uma ephuze ubhiya

Ngokusho kwalowo okhulumela amaphoyisa uCaptain Kay Makhubele, ngesikhathi uDube eboshwa wavuma ukuthi nguye oyibulele intombi yakhe abehlala nayo u-Itumeleng Elizabethe Molefe, 37, obengumama wezingane ezimbili.

Ngesikhathi evela okokuqala enkantolo uDube waphinde walivuma icala phambi kwemantshi.

UMakhubele uthe, uDube wasebenzisana kahle namaphoyisa waphinde wadalula nokuthi wasigqiba kuphi isidumbi sikaMolefe.

UDube waboshwa ngomhlaka-21 Januwari ngemuva kokuzinikela emaphoyiseni aseTemba eHammanskraal, ngaphandle kwasePitoli.

UDube wabulala intombi wayokhela ngomlilo wase egqiba isidumbu sayo.

- SowetanLive

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.