Ufuna ukugcina isibongo sakubo yize eseshadile - Umbiko

2016-08-10 14:30

Durban - Owesimame uthi ucikeke kabi ngesikhathi eyovota ebona ukuthi useshintshwe isibongo wabhalwa ngesomyeni wakhe, kubika iTimeslive.

Le ntokazi eyintatheli ithi yavumelana nomyeni wakhe beqeda ukushada ukuthi uzosigcina isibongo sakubo.

OLUNYE UDABA:Ithi yayiziphindiselela kumakayo eyakhulelisa umakoti

USarah Wild osebhaliswe njengoSarah de Wet uthi ufuna kubuyiselwe isibongo sakubo ngoba akavumanga ukutshintshelwa kwesomyeni wakhe.

"Ngathi ngishayela umnyango wezasekhaya ngibuza ngokushintshwa kwesibongo sami ngatshelwa ukuthi uma ngingasifuni isibongo somyeni wami, ngifana nongaganile," kusho yena.

Le ntokazi isizophuma umkhankaso lapho azoxhumana nabesimame abangu-90 begcwalisa ifomu lokukhalaza ngokunikwa izibongo zabayeni babo ngaphandle kwemvume yakhe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.