Ufuna ukunxeshezelwa nguNgqongqoshe wamaPhoyisa owadutshulwa yisoka lakhe

2017-08-22 09:33

Cape Town – Owesifizane wase-Eastern Cape ufuna uNgqongqoshe wamaPhoyisa amnxephezele ngemuva kokuba edutshulwe walinyazwa ebusweni yisoka lakhe eliyiphoyisa.

INkantolo yoMthethosisekelo ngoLwesibili izolalela icala u-Elsa Booysen alifakele uNgqongqoshe.

Wafaka isicelo sokunxeshezelwa ngemuva kokuba isoka lakhe, uConstable Johannes Mongo, emdubule ngesibhamu somsebenzi esemzini wakhe ePearston, e-Eastern Cape, ngoMashi 22, 2013.

Ngokwemiqulu yasenkantolo, uMongo wafika endlini ehamba ngemoto yamaphoyisa ngesikhathi sekhefu.

Wayenikezwe isibhamu ngesikhathi efika ezosebenza ebusuku kanti kwakulindeleke ukuba asibuyisele uma esephuma emsebenzini.

Lezi zithandani zadla ukudla, ngemuva kwalokho, ngesikhathi sezizihlalele ngaphandle, uMongo wadubula uBooysen.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owabulala intombi yakhe bexabana

Ngemuva kwalokho wazidubula naye washona.

UBooysen ukholelwa ukuthi uNgqongqoshe kumele kube nguyena omnxephezelayo ngesenzo sikaMongo.

INkantolo eNkulu yase-Eastern Cape eGrahamstown yavumelana naye, yayalela uNgqongqoshe ukuba akhokhele uBooysen.

UMnyango waludlulisela eNkankantolo yokudluliswa kwamacala lolu daba lwafike lwachithwa ngoDisemba 2016.

Inkantolo yokudluliswa kwamacala yathi uMongo wayengahambanga ngokomsebenzi ngesikhathi eya endlini.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.