Ufuna ukuqala umdlalo kwiBafana obengakaze alubhade eMzansi

2016-11-10 12:28

Cape Town – Ufuna ukuzibona eqala umdlalo kwiBafana Bafana umdlali okwathuka abaningi ebizwa kuleli qembu lesizwe phezu kokuba ayengakaze alubhade eMzansi.

IBafana itheleke ePolokwane ngoLwesithathu nalapho wonke amehlo abethe njo kulolu swahla lomgadli ongu-1.97m ubude, nongowokudabuka ezweni iNetherlands, uLars Veldwijk.

Lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala unobuzwe baseNingizimu Afrika ngenxa yokuthi ubaba wakhe ungowokudabuka kuleli. Ukuqinisekisile ukuthi umndeni wakhe uzotheleka ePolokwane uvela kwelase-Europe ngethemba lokuthi uzothola ithuba lokudlala kwiBafana.

OLUNYE UDABA: Umqeqeshi weBafana Bafana uthi badinga umthandazo

NgoMgqibelo, iBafana izobhekana neSenegal emdlalweni obalulekile wokuhlungela iNdebe yoMhlaba yonyaka ka-2018 emdlalweni ozobe usePeter Mokaba Stadium ngo-15:00 ntambama.

“Wonke umuntu uyafuna ukuya eNdebeni yoMhlaba yonyaka ka-2018 eRussia. Lelo yiphupho lawo wonke umdlali ukudlala ezingeni eliphezulu," kusho lo mgadli utshele iKickOff.

Uphinde wazwakalisa ukujabula ngendlela amukelwe ngayo kuleli, wathi into nje ethanda ukuba yinkinga ukushisa okuxakile ngenxa yelanga elikhipha umkhovu etsheni, wathi kodwa sebeyajwayela.

Ukubizwa kwalo mgadli kubukeka njengemizamo kaMashaba yokuqeda indlala yamagoli ngenxa yokuba luthuntu kweBafana emapalini. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.