Ufuna ukuzenzela igama kwezomculo unkosikazi kaNgizwe Mchunu

2016-07-24 13:30

Durban - USinqobile Mchunu ufuna ukuzenzela igama njengomculi we-R&B, kubika iLANGA.

Le ntokazi ingaphansi kwesitebela sikaDJ Tira i-Afrotainment kanti kuthiwa ushaya ngephimbo elifana nelomculi waphesheya uNicki Minaj.

OLUNYE UDABA:Asikho semthethweni isithembu somsakazi woKhozi

USinqobile uthi yize abantu bewuthakasela umculo wakhe, akakazi ukuthi uzoyikhipha nini i-albhamu ngoba akafuni ukukhipha into esezingeni eliphansi.

"Yize abantu bewamukela kahle bumculo wami, siyangithokozisa isinqumo sabaphathi bami sokuthi ngiqale ngizakhele igama kuqala ngaphambi kokukhipha i-albhamu," kusho yena.

Le ntokazi ibonge abantu asondelene nabo ngokumeseka emsebenzini wakhe, kodwa akathandanga ukuphawula lapho ebuzwa khona ukuthi umyeni wakhe uyameseka na ngoba kuyaziwa ukuthi uNgizwe ugxile kakhulu kokwesintu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.