Ufundisa odokotela bangomuso ngemali yokudayisa ebhishi

2017-06-23 17:59

kwaDukuza - Ubonga umasipala waKwaDukuza owesimame osesebenze iminyaka engaphezu kwengu-20 ngokudayisa emgwaqeni.

UNomusa Mkhwanazi, 49, waseTete KwaDukuza odayisa izinto ezakhiwe ngezandla ebhishi laseSalt Rock, akawuvali umlomo ngempumelelo yamadodakazi akhe.

UMkhwanazi uhlengezela izinyembezi uma ecabanga ubunzima adlule kubona ehlushwa yizimvula engeke akwazi nokuhlala ekhaya ngoba efundisa izingane zakhe.

“Sengizokwazi ukuqhuba abantwana bami njengoba benza unyaka wesithathu ezifundweni zobudokotela enyuvesi, besihlushwa kakhulu izimvula ugcine ungakwazanga ukudayisa kodwa manje ngeke ngiseqwa ngisho olodwa usuku ukuze ngikwazi ukuqhuba abantwana bami enyuvesi ezifundweni zabo zobudokotela.

"Sibonga umasipala ngokungasikhohlwa nathi singabadayisi abagudle ulwandle, njengoba izivakashi kanye nabantu abasuke bezozijabulisa kule ndawo,” Kusho uMkhwanazi.

OLUNYE UDABA:Abadayisi bakhala ngokungakutholi ukwesekwa

UMkhwanazi uthi amadodakazi uThalente noThabani Mkhwanazi wawakhulisa ngaye le mali ayithola lapha emgaqweni. Uthi noma ebewa evuka namadodakazi akhe kodwa akalilahlanga ithemba ukuze akwazi ukubakhulisa bathole nemfundo engcono.

UMasipala wale ndawo uhlela ukuyiguqula le ndawo yabadayisi ihleleke kahle ukuze bakwazi ukuqhubeka nomsebenzi wabo futhi bawathuthukise namabhizinisi asebawaqalile.

Omunye umdayisi uNomusa Sgwaza, 59, osedayise iminyaka engu-10 ondla umndeni wakhe aphinde afundise izingane eziyintandane ezashiywa udadewabo, uthi ulujabulele kakhulu lolu shintsho oluze nomasiapala wabonga kakhulu iMeya uMnu Ricardo Mthembu njengoba kuyiyona evule lezi zindawo zokudayisela.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.