Ufundiswe isifundo ozame ukuhamba engakhokhile esalon

2016-12-24 11:31

Harare - Kuqubuke udlame endaweni yokuzichwala izinwele eseZimbabwe ngemiva kokuba owesilisa obehamba nesinqandamathe sakhe ephume ngaphandle kokukhokhela ukugunda izinwele zakhe.

Lesi sigameko senzeke eRich and Famous Hair Salon.

Ngesikhathi owesilisa eseqede ukugunda ezakhe izinwele, uzilungiselele ukuhamba ashiye unkosikazi wakhe. Ngokusho kobekhona esalon, lo wesilisa uthembise ukubuya azokhokha kodwa akaphindanga wabuya.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele ogunda abesifazane izinwele emakhanda esitimeleni

Khonamanjalo, isisulu esihlonzwe ngelikaNothando, besiqhina izinwele zaso. Ngesikhathi sesiqedlile ukuqhina, naso kusolwa ukuthi sizame ukuphuma singakhokhile.

Yilaphoke abachwali bezinwele besihlanganyele khona basifundisa isifundo basigunda zonke izinwele zaso.

Abebekhona esalon bathathe izithombe bazigcwalisa ezinkundleni zokuxhumana, esinye sezithom,be siveza uNothando eklinywa.

Ezinye izithom,be zitshengisa abasebenzi basesalon bemgunda bebebemhleka.

UNothando uzamile ukulwisana nabo kodwa wahluleka.

UNothando ubonakale ekhihla isiloli. Wadedelwa esegundwe ingxenye yezinwele zakhe ezinde.

Uhambe esesele nezinwele ezincane ekhanda, nempandla emaceleni.

 - wwn

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.