Ugaqele esokuhola iDA owayenguKhomishana wamaPhoyisa

2017-01-31 10:00

Cape Town – Eminyakeni emibili eyedlule, lowo owayenguKhomishana wamaPhoyisa eWestern Cape, uLennit Max, wakhala ngaphansi embangweni wokuhola iDemocratic Alliance (DA) esifundazweni ngesikhathi izithunywa ezilinganiselwa ku-70% ezazivotela umholi omusha zikhetha ukuvotela imbangi.

UMax uyena kuphela owayesele embangweni wesikhundla nalapho ayebhekene khona neMeya yaseKapa, uPatricia de Lille, kwesokuba ngumholi weDA eWestern Cape ngonyaka ka-2015. Wagcina ngokuhlulwa.

OLUNYE UDABA: I-ANC ithi kukhulu okuzolandela kuDA ngokusula kukaDe Lille

Kodwa ngoMsombuluko, kulandela ukusula kukaDe Lille, uphinde wazwakalisa ukuthi usasihalela lesi sikhundla. Uma engase nje akhethwe kusona.

Ngaphezu kwalokho uMax uthi akumthusanga nakancane ukusula kukaDe Lille.

“Wayengenandaba nokuba umholi wesifundazwe,” kusho uMax.

Uthi umsebenzi wokuba yimeya edolobheni eliwumbukiso weDA, mukhulu kakhulu.

“Umsebenzi omkhulu futhi ubonile bekungcono ukugxila kuwona. Ngithemba [ukuthi] uzokwazi ukuwunikeza u-100%,” usho kanje.

UMax uthi yena uhlale ekhona uma kukhona abafuna ukumkhetha.

“Ngihlale ngitholakala ukuthi ngiphathe, kodwa kumele kube ukuthunywa abantu. Uma ngithunywe abantu, ukuthi ngibamele, angeke ngikunqabe. Ngizoziletha phambili.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.