Ugcine eboshiwe othumbe umndeni emzini wabazali

2018-01-08 09:33

Cape Town – Amaphoyisa eBrandwacht ngaseMossel Bay esifundazweni iWestern Cape abophe owesilisa oneminyaka engu-39 ubudala ngamacala okuzama ukubulala kulandela isigameko sokuthumba esenzeke emzini wabazali bakhe ngeSonto.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Malcolm Pojie uthi isigameko senzeke ngabo-09:00 ekuseni ngeSonto ngemuva kokuba umsolwa edubule amahlandla amaningi esendlini.

"Amaphoyisa athunyelwe endaweni yesigameko ngabo-09:00 ekuseni. Ngokuhamba kwesikhathi amaphoyisa aseDa Gamaskop ajoyinwe yi-POPS ukuzama ukuxazulula isimo. Imizamo eminingi yokuxazulula isimo ayiphumelelanga,” esho.

"Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, ubadedelile abazali bakhe kanye nomfowabo, bengalimele.”

OLUNYE UDABA: Kuboshwe owesifazane ngokutholakala kosana olushonile ethoyilethi ebhanoyini

Owesilisa ube esedubula ebhekise emaphoyiseni esebenzisa izibhamu ezahlukene.

UPojie uthe akulimalanga muntu kulesi sigameko, ngaphandle nje kwezimoto zamaphoyisa nezabezimo eziphuthumayo.

"Ngokuhamba kwesikhathi kuthunjelwe ithimba le-Special Task Force ngabo-18:00 [ngeSonto]. Umsolwa uhluliwe, wabanjwa wayiswa esitokisini,” kusho uPojie.

UPojie uthe owesilisa kulindeleke avele eNkantolo kaMantshi eMossel Bay kuleli sonto ngecala lokuzama ukubulala, namanye amacala asazothweswa wona.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.