Johannesburg – I-Orlando Pirates isikuqinisekisile ukuthi umdlali wayo obebolekiswe kuChippa United engxenyeni yokuqala yesizini, uThembinkosi Lorch, usebuyele kule kilabhu.
ULorch wasayini kumaSea Robbers evela kuMaluti FET College ngonyaka ka-2015 nalapho abe esebolekiswa khona kuCape Town All Stars ngesizini ka-2015/16.
OLUNYE UDABA: Usehlukene neqembu umqeqeshi okhonjwa kuPirates
Wabe esejoyina iChippa nalapho ebedlala khona ngaphansi kukamqeqeshi uDan Malesela.
Manje sekuqinisekisiwe ukuthi uLorch usebuyele kumaBhakabhaka futhi uzoba khona ukuze afakwe esikwatini uma umqeqeshi weqembu, u-Augusto Palacios emdinga.
ULorch ungumdlali wasesiswini ohlaselayo kanti uyakwazi nokudlala ohlangothini noma alekelele abagadli.
Ngaphambilini lo mdlali watshela iSoccer Laduma ukuthi kubaluleke kangakanani ukudlalela ikilabhu enkulu njengePirates.
“Ngangijabule kakhulu ngoba akusiwo wonke umuntu othola ithuba lokudlalela elinye lamaqembu amakhulu ezweni. Ngangingakholwa. Ngisho nomndeni wami wawungijabulele,” kusho uLorch.