Ugcine ekhonjwe indlela umsakazi woKhozi FM

2016-07-07 16:03

Durban – Sekuqinisekisiwe ukuthi impela izinyawo zigcwale udaka kumsakazi woKhozi FM, uVukani “Chilli M” Masinga, obesolwa ngokugwazisa abaculi.

Ngenyanga eyedlule kuke kwabikwa ngodaba lwalo msakazi osolwa yiqembu lomculo amaStreet Boys ngokuliqola imali walithembisa ukuthi umculo walo uzodlalwa kulo msakazo, kubika iLANGA.

Leli qembu lithi lafika kwakanye emsakazweni, ngemuva kwalokho lo msakazi ophinde aziwe ngelika"Daddy", waziba izingcingo zalo.

UMasinga kuthiwa wathatha u-R7 500 waleli qembu.

OLUNYE UDABA: Kumiswe umsakazi woKhozi okhulume 'elokudliwa' emoyeni

Imenenja yaleli qembu, uSiya Mareke wathi uChilli M waxoxa nabo imizuzwana emibili nje vo emoyeni ngemuva kokuba sebemkhokhele le mali.

“Kwathi uma sesimthinta futhi ukuba afeze izethembiso zakhe, izingcingo zethu wayengasazibambi,” kuqhuba uMareke.

Ngonyaka odlule iSunday Sun yake yabika ngezinsolo zokuthi uChilli M wathatha imali kumculi waseThekwini uDalisoo Dlamini wamthembisa ngokudlala umculo wakhe kakhulu emoyeni.

Isikhulu esingaphakathi kulo msakazo siqinisekisile ukuthi uMasinga usexoshiwe, okufakazelwa yisitatimende esikhishwe ngoLwesine (namhlanje).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.