Ugcine ekhokheliwe owa-oda amateku kaMampintsha wangawathola

2017-09-03 15:35

Durban - ULindiwe Dube uthokoze kakhulu ngokubuyiselwa imali yakhe ngemuva kwesikhathi eside efuna ibuyiswe.

Le ntokazi yaseMpangeni yathenga amateku ngemali engango-R1 600 kumculi obuye abe ngusomabhizinisi uMampintsha, kodwa kalizange lifike kuyena i-oda lakhe.

Le ntokazi ithi yathenga lawa mateku kaMampintsha abizwa ngokuthi yi-Original Shandis ngokwelebula yakhe ewathengela indodana yakhe eyayiwathanda kodwa kawazange afike kuyena.

Le ntokazi ithi lo saziwayo wayengasafuni ukubuyisa imali yakhe, sebedlala esegundane nekati kwaze kwaba ngukuthi uDube uxhumana nabamaphepha.

OLUNYE UDABA:UMampintsha usolwa ngokuba notokoloshe

Ngesonto eledlule le ntokazi yaxhumana nabe-Solezwe nokuyilona elabhala lolu daba lukaLindiwe obezwakalisa ukudumala ngokubanjiswa udonga ngamateku ewayewafunela indodana yakhe engumdansi.

"Besekuphele izinyanga ezingu-9 ngifuna babuyise imali yami ngoba bayahluleka ukungitholela amateku kaMampintsha i-Original Shandis. Umfana wami ebewathanda, ngafaka imali kodwa ngangawathola. Imali bebengasafuni ukungikhokhela,"kusho yena.

Ekhuluma naleli phephandaba, uDJ Boonu obambisene noMampintsha kuleli bhizinisi ukhale ngokuthi lo wesimame usengaze abakhiphe emaphepheni ngenxa ka-R1 600 nje vo.

Ngesikhathi leli phephandaba lifika eNewlands West lapho isitolo sabo besizinze khona, bathole kukhala ibhungezi. Abanikazi besitolo esingumakhelwane uyena oveze ukuthi lesi sitolo sesithuthile kanti sekukhona i-Internet Cafe. 

Ngesikhathi esebuzwa uBoonu ngokuthutha kwesitolo, akafunanga ukuphawula ngase ethi akayifuni into ezomfaka ekukhulumeni.

UMampintsha akatholakalanga ukuphawula ngoba ucingo lwakhe beluvaliwe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.