Ugcine engavelanga enkantolo umlingisi

2017-11-08 12:32

Johannesburg - Inkakha yomlingisi kuleli uTumisho Masha kuphoqeleke ukuba ihlale cishe usuku lonke enkantolo ilinde ukuba kulalelwe icala layo eNkantolo yeMantshi yaseRandburg, eGoli, izolo (ngoLwesibili).

Idokodo lecala lalo mlingisi kuzwakale ukuthi alifikanga enkantolo.

UMasha uchithe amahora ehlezi ebhentshini ngaphandle kwasenkantolo waze wagcina ehambile ngaphandle kokuvela ngaphambi kwenkantolo.

OLUNYE UDABA:'Kusangane' abalandeli bebona intandokazi yabo kwiScandal

Lo mlingisi ubhekene necala lokucekela phansi impahla nokushaya owayengunkosikazi wakhe, uZozibini Mtongana.

UMasha, obeswenke econsa izolo, wenze okuhlukile kunabanye osaziwayo okuvame ukuba bazifihle ubuso noma bangene isinyenyela enkantolo, kodwa yena uze wathatha nezithombe izintatheli zimushutha.

Isikhathi esiningi ubelokhu ehla enyuka emaphaseji enkantolo, ebambene ngocikicane nesithandwa sakhe esisha, uChantel Wagner.

IDaily Sun ngenyanga edlule yabika ukuthi uMasha, ongaphandle ngebheyili, waveza ukuthi uzowamela wonke amadoda amsulwa asolwa ngokuhlukumeza ebe icala engalenzanga.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.