Ugcine eshonile oxoshwe esibhedlela i-Edendale

2017-03-31 14:02

Durban - Ukhala uyazithulisa umndeni wowesifazane  wakwaZayeka eSweetwaters  owaxoshwa esibhedlela egula kakhulu.

USmangele Buthelezi, 40, ushone esendleleni eya esibhedlela eNorthdale  ngoLwesibili emini ngemuva kokuba isibhedlela i-Edendale samkhombe indlela sithi usegula kakhulu.

Ngokusho kukaMsawenkosi Buthelezi ongumfowabo kamufi uthe udadewabo  ubengeniswe esibhedlela i-Edendale emasontweni amabili edlule nokuthe ngoLwesine olwedlule  bathola ucingo oluthi abazomlanda akasadingeki esibhedlela.

OLUNYE UDABA:Kuphenywa isibhedlela ngokufa kwesiguli ebesihlukunyezwa

“Basifonele ngoLwesine kuthiwa asizomlanda esibhedlela akasadingeki ngoba usegula kakhulu ayikho into abazomenza yona.  Sathi uma sithi siyabuza ukuthi senzenjani bathi abazi kodwa uLwesihlanu usuku oluwumnqamulajuqu uma singamthathi bazomkhiphela ngaphandle kwesango.

"NgoLwesihlanu ngaya esibhedlela  ekuseni ngafika ngakhuluma nodokotela kadadewethu wathi useluzwile  udaba lwethu wathi kulungile  udadewethu uzomedlulisela esibhedlela uMngeni ngoba besekutholwe nokuthi unesifo sofuba. Umphathi wewadi lapho ayelele khona wathi akasafuni nokumbona akaphume aphele lungakapheli usuku lwangoLwesihlanu,” kubeka yena.

Uqhube wathi bagcina bemulandile udadewabo bamusa ekhaya kodwa isimo besiya s iba bucayi waze w agcine ngokuthi ashone.

“Sibuhlungu kakhulu ngalento eyenzekile ngoba isibhedlela sihlulekile ukusisiza kwaze kwagcina ngokuthi silahlekelwe ilunga lethu lomndeni.  Siyasisola kakhulu isibhedlela ngokushona kwakhe ngoba hlampe ukuba azange bamukhiphe angabe usaphila. Kade esasesibhedlela ubekwazi ukuzihambela ekhuluma enawo namandla ngoba bona bebekwazi ukumsiza bemufaka nama drip. Ukumusa kwabo ekhaya kumenze isimo sakhe ukuthi sedlulele njengoba evele waphelelwa amandla wangasakwazi nokukhuluma eseyinto ehleli ilele  esafaka nenabukeni. Sibuhlungu kakhulu nje ngesenzo sesibhedlela,” kubeka  yena.

Imizamo yokuthola okhulumela lesi sibhedlela uSamke Mncube yonke ibhuntshile njengoba ucingo belukhala lungabanjwa  kanti nama-emails wakhe ethi agcwele, kubika Eyethu News.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.