Ugcine etholakale owesifazane onokukhubazeka obethunjiwe

2017-07-21 09:33

Durban – Owesifazane ophila nokukhubazeka nowathunjwa ngesikhathi kudunwa imoto yomyeni wakhe eNew Germany, eThekwini, utholakele ngoLwesine, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

USheila Pilling noJohn, okungumyeni wakhe oneminyaka engu-89 ubudala, bebesemotweni yabo kuSarnia Road ngesikhathi behlaselwa abesilisa abathathu, kusho uLieutenant Colonel Thulani Zwane.

“Umshayeli udutshulwe ebusweni, abasolwa babaleka nemoto yakhe kanye nomkakhe phakathi.”

OLUNYE UDABA: Kubulawe obevele enkantolo ngecala lezidakamizwa

USheila utholakale eMolweni kanti imoto ishiywe yodwa KwaDabeka. Kuvulwe icala lokuzama ukubulala, elokuthumba kanye nelokudunwa kwemoto esiteshini samaphoyisa ePinetown.

Izigebengu zisagcwele izinkalo.

Okhulumela iRescue Care uGarrith Jamieson uthe owesilisa uthole ukwelashwa endaweni yesigameko, wabe esephuthunyiswa esibhedlela. Umkakhe naye ungeniswe eHillcrest Hospital.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.