Ugcine exoshiwe uthisha waseNquthu wodumo lwama-video ocansi

2017-08-24 12:31

Durban – UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uMthandeni Dlungwane, uzwakalise injabulo ngenkathi ebika ukuthi uThabani “Rats” Hadebe – wodumo lwama-video ocansi – obenguthisha wasekuCabangeni High School, eNquthu, enyakatho yeKwaZulu-Natal akasesona isisebenzi soMnyango.

UDlungwane usho kanje etshela iSilo uZwelithini kaBhekuzulu nothishanhloko ababalelwa ku-700 abebesengqungqutheleni yokucobelelana ngamaqhinga okuphatha izikole, wukukhunjuzwa ngomsebenzi wabo wokukhuthazwa ukuba bakhiqize imiphumela emihle, kubika ILANGA.

Uthi ijazi ligcwale umoya kuHadebe okhalelwe ngamasongo kaSigonyela nyakenye. Uthi nakuba udaba lwakhe lusenkantolo kodwa kakusekho okumhlanganisa noMnyango wezeMfundo.

“Uthisha uyafana nomzali wengane, kubalulekile ukuba isithunzi sobuthishela sivikelwe,” kusho uDlungwane.

Akanabanga ukuthi yisiphi isizathu sokuxoshwa kwakhe ngoba emuva kokuputshuka kwama-viseo, ILANGA liziyele mathupha eNquthu laya emndenini woyedwa wesifazane obonakala kwenye yama-video.

OLUNYE UDABA: Kuthiwa usesongela abafundi ngokufa uthisha waseNquthu

Kutholakale ukuthi bekungeyena umfundi kanti omunye kuthiwe yingoduso yakhe yasoNdini enyakatho ye-KZN.

Okhulumela uMnyango uScelo Khuzwayo, uthi ngokophenyo abalwenzile eMnyangweni, bathole uHadebe enamacala.

“Kunabafundi abangaphezu kwababili esithole ukuthi ubenobudlelwano nabo futhi baphumela obala ngalokho. Phela ngokomthetho obekiwe kakuvumelekile ukuba uthisha enze lokho,” kusho uKhuzwayo.

Uthi kabangeni kolunye uphenyo olwenziwa ngamaphoyisa kodwa bona eMnyangweni bamthole engemsulwa.

UDlungwane ubuye wakhala kakhulu ngodlame lwabafundi ezikoleni njengoba ethi okwenzeke eRichards Bay Secondary kakumphathanga kahle.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.