Ugcwele amathafa 'obophele abafana abancane esihlahleni wabokhela ngomlilo'

2017-06-13 12:31

George – Amaphoyisa aseThembalethu, eGeorge, acela imininingwane ngemuva kokuba owesilisa ongumnikazi we-scrap yard wasendaweni esolwa ngokuthumba abafana ababili, wababophela esihlahleni wabathela ngophalafini ngaphambi kokuthungela oyedwa wabo ngomlilo.

Esitatimendeni sangoLwesibili ekuseni, okhulumela amaphoyisa uCaptain Dumile Gwavu uthe, la bafana, oneminyaka engu-11 ubudala noneminyaka engu-13 ubudala kusolwa ukuthi bathathwa e-scrap yard ngumnikazi waso wahamba nabo waya ehlathini eliseduzane naseBallots Bay Gate ngeveni.

"Umsolwa wababophela esihlahleni wase ebabhunyela ngophalafini," kusho uGwavu.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa acela usizo ngengane elahlekile

"Umsolwa wokhele ngomlilo omunye wabafana esebenzisa okokushisa ugwayi wase ebashiya kanjalo. La bafana bakwazile ukuziqaqa base beya emakhaya beyobika ngokubehlele. Omunye walaba bafana uthole amanxeba okusha emlenzeni."

Ngokusho kukaGwavu, amaphoyisa athole izimpahla ebezigqokwe yilaba bafana, kanti kuphenywa icala lokuthumba.

Uthe amaphoyisa abikelwe ngesigameko abe esephuthuma endaweni yesigameko kodwa izakhamuzi zingafuni ukusebenzisana namaphoyisa.

"Umphakathi ubugodle imininingwane ngomsolwa ekubeni izisulu zona besezilikhiphile ikheli ngoba ubesebalekile endaweni," usho njalo eqhuba.

"Umphakathi utshele amaphoyisa ukuthi awabuye uma umsolwa esebuyile emsebenzini. Ngaleso sikhathi amaphoyisa abethukwa, kanti bekungakaboshwa muntu. Ngakho-ke amaphoyisa acele usizo emphakathini ngemininingwane yesigameko."

"Kufanele bazi ukuthi uma beyigodla imininingwane, ekugcineni kuzoba nzima ukushushisa isigilamkhuba ngenxa yokungabibikho kobufakazi," esho.


 - African News Agency

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.