Ugcwele amathafa umfana, 17, osolwa ngoxhaxha lwawokudlwengula

2017-07-24 16:00

Lilongwe - Izakhamuzi zihlalele ovalweni njengoba umfana oneminyaka engu-17 ubudala esolwa ngokuba ngumalugaju.

Ngokusho kwephephandaba iNyasa Times, lo mfana igama lakhe eligodliwe uqale ngonyaka ophelile ukuhlupha izingane endaweni yaseChamama Trading centre esesifundeni iKusungu, maphakathi neMalawi.

Eminyakeni engu-16 ubudala lo mfana kusolwa ukuthi wadlwengula izingane ezingu-9 zabafana namantombazane ngaphambi kokuhanjiswa eChilway Reformatory Centre eseningizimu nedolobha iZomba.

OLUNYE UDABA: Umshayeli ungene obishini ngokubhala ukuthi akuvotelwe i-MDC ethikithini

Kodwa ezinyangeni ezimbili ebuyile ekhaya lo mfana kanti kuthiwa usephinde wahlasela izingane endaweni.

Iphephandaba libike ukuthi usedlwengule izingane ezimbili zamantombazane neyomfana kanti njengamanje ugcwele amathafa.

Umholi wendawo uzwakale ethi: "Sibona sengathi amaphoyisa ayehluleka kulolu daba. Kudala sinikela ngalo mfana kuwo kodwa amdedele ngemuva kwesikhashana, wagcina esehanjiswe eChilwa Reformatory Centre.

"Sathuka isimanga, ezinyangeni ezimbili lo mfana esebuya, njengoba wabuya waqhubeka nomkhuba wakhe."

Kodwa owamaphoyisa aseKasungu, u-Inspector Teresa Msukwa, we-Victim Support Unit uthe: "Lo mfana weqile esikhungweni eZomba kanti senza konke okusemandleni ukuthi aphinde aboshwe."

Okwenza ukuthi lesi simo sibe nzima wukuthi asikho isiteshi samaphoyisa eChamama.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.