Ugence imbangi ngocelemba belwela intombi

2016-05-26 18:33

Johannesburg – Kuphume isidumbu ngemuva kokuthi imbangi igence ngocelemba owesilisa yase imgqema ngesando, esigamekweni okusolakala kuso ukuthi bekubangwa intombi.

Umama kamufi, uRebecca Mqikela, waseKlerksdorp, uthi uhlulekile ukubamba izinyembezi ngesikhathi amaphoyisa emtshela ngokudlula emhlabeni kwendodana yakhe, uLebohang, kubika iSowetan.

ULebogang uhlahlelwe ngocelemba wase eyagwazwa waze washona, kanti kulesi sehlakalo kusolwa umuntu abesebenza naye okuthiwa baxabane naye bebanga intombi.

OLUNYE UDABA: Bagasele esontweni bagenca abantu ngocelemba

"Ngifike isidumbu sakhe sisadindilize phansi, kugobhoza igazi enxebeni elisekhanda. Umbulali ngiyamazi futhi ubesondelene kakhulu nendodana yami, bese ngimthatha njengengane yami,” kusho uMqikela.

Le ndoda esolwa ngokubulala uLebohang yake yayamaniswa nesigameko sokubulala abazali bayo nengane yayo ngo-2012.

Leli cala lagcina lihoxisiwe ngenxa yokushoda kobufakazi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.