Ugence inkosikazi yomfowabo eyinuka ngokuthakatha

2016-07-28 10:02

Durban - Owesilisa waKwaMhlabuyalingana, esifundazweni saKwaZulu-Natal, ungenele unkosikazi womfowabo ngocelemba ngoba emnuka ngokuthakatha izingane zakhe ezimbili, kubika iphephandaba ILANGA.

Lo mlisa oneminyaka engu-32 ubudala, eligodliwe igama lakhe, ugence uNikiwe Ngobe osesibhedlela kumanje.

Iphephandaba libika ukuthi umsolwa uqale ngokuhlasela umfowabo, uNdaba Ngobe, esemsebenzini lapho engunogada wesikole khona.

Kuthiwa ufike esikoleni wamcela ukuba avule isango kunodaba afuna balubhunge, ephethe ucelemba ngesandla.

Funda nalolu daba: Abashayeli bexwayisa ngokuthi bagcwalise uphethiloli

Ebona ukuthi akavulelwa, umsolwa uyemzini kamfowabo wafica unkosikazi, wambuza ukuthi kungani ethakatha ngaphambi kokuba amgence.

Kuthiwa ngaleso sikhathi umsolwa ubephuze utshwala, engakhuzeki.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Nata uCpt  Thulani Zwane, uthe alikho icala elisavuliwe esiteshini samaphoyisa.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.